I-PREMIER Soccer League (PSL) isichithe njengesingenasisekelo isimangalo se-Upington City emangalele iMilford FC ebiyisola ngokwephula imithetho yeligi ngabadlali abaneminyaka engu-23 ngenkathi idlala nayo komunye wemidlalo yeMotsepe Foundation Championship kule sizini.
Ngemuva komdlalo owawusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngo-Ephreli 6, lapho khona iMilford yanenebula i-Upington ngo 3-0.
Leli qembu laseNorthern Cape labe selimangalela iMilford kwiPSL ngokwephula umthetho wokudlalisa abadlali abaneminyaka engu-23 kulowo mdlalo.
Kulo mdlalo iMilford yakhipha abadlali ababili abaneminyaka engaphansi kuka-23, yashiya oyedwa enkundleni, okwaba yiphutha abalilungisa abeMilford ngemuva kokuba sebelibonile.
Ngokomthetho wePSL, wonke amaqembu eMotsepe Foundation Championship kufanele abe nabadlali ababili enkundleni abaneminyaka engaphansi kuka-23 nabahlanu abasebhentshini.
Emuva kokuqulwa kwecala leMilford ne-Upington ngoLwesine nokuyilapho ikomiti lePSL eliqondisa izigwegwe eliholwa umshushisi, uZola Majavu likhiphe khona isinqumo.
“Ikomiti lePSL eliqondisa izigwegwe lithole ukuthi icala ebelifakwe yi-Upington imangalela iMilford, alinabulungiswa nasisekelo. Ngaleyo ndlela-ke libe selichithwa lihambisana nezindleko,” kusho uMajavu esitatimendeni.
UMajavu uphinde wakuqinisekisa ukuthi alikho elinye icala elisezithebeni njengamanje elingaba nomthelela emiphumeleni yemidlalo yeligi yeMotsepe Championship.
“Ngifisa ukuphinda ngithathe leli thuba ngikuqinisekise ukuthi njengomshushisi wePSL alikho elinye icala kumbe isikhalazo engisasitholile esiqhamuka kunanoma yiliphi iqembu, elidinga ukuhlalelwa.
“Nokho, uma kwenzeka liba khona icala elivelayo, ngingakuqinisekisa ngokungangabazi ukuthi izinhlaka zomthetho kwiligi zimi ngomumo ukubhekana nalokho ngokushesha, ukuqinisekisa ukuthi isizini ka-2023/24 isongwa ngaphandle kwezihibe nokubambezeleka,” esho.
Le nkulumo kaMajavu ikhomba ukuthi amanye amacala okuke kwavela ukufufusa kwawo, asefana nento engekho nakuba kusengenzeka kuvuke inyama ogqokweni.
Kuwona kubalwa iPlatinum City Rovers obekuvela ukuthi imangalele iMarumo Gallants ngokudlalisa umdlali obebhaliswe eqenjini elidlala kwiSafa Mpumalanga ABC Motsepe League.
Elinye bekungelePretoria Callies yona obekuvela ukuthi idlalise umdlali obhaliswe ngokungemthetho.