ISIPHINDE yatshala imali ebholeni lakuleli inkampani yokubheja iHollywoodbets njengoba isingabaxhasi abasha beligi yezifunda yabesilisa.
Izolo, emcimbini obuseSafa House eGoli, kumenyezelwe ukuthi le nkampani esivele ixhase iligi yabesifazane kuleli, iHollywoodbets Super League, isiqale obunye ubudlelwano nenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa).
Kudalulwe ukuthi isizoxhasa isigaba sesine sebhola sakuleli esizokwaziwa ngeSafa Hollywoodbets Regional League. Le ligi edlalwa ezifundeni ezehlukene kuzo zonke izifundazwe zakuleli ibingasenabo abaxhasi selokhu yalaxazwa yiSA Breweries (SAB) ngo-2019.
Amaqembu azonqoba esifundeni ngasinye azoqhudelana kuze kuphume amabili avelele esifundazweni ngasinye azokhushululelwa kwi-ABC Motsepe League.
Iphini likamengameli weSafa, uLinda Zwane, alifunanga ukuphumela obala mayelana nemali ezofakwa yiHollywoodbets kule ligi kodwa kuqinisekisiwe ukuthi wonke amakilabhu azothola amajezi nokuthi kuzoba nemiklomelo yemali ekupheleni kwesizini.
“Sijabule kakhulu ngalobu budlelwano obuzohlomulisa ibhola ezindaweni zasemakhaya. Kuhle ukuba nenkampani enkulu eqondayo ukuthi ibhola lidinga ukwesekwa ngokwezimali. Sekuphele iminyaka emibili sibheka abaxhasi. Njengoba sesibatholile amaqembu azothuthuka futhi azoba nomdlandla njengoba kukhona okuthile azokuthola,” kusho uZwane.
Isikhulu seHollywoodbets esibhekene noxhaso lwebhola, u-Indira Albuquerque, sithe ukubandakanyeka ebholeni labesilisa akusho ukuthi ngeke besaqhubeka nokufukula ibhola labesifazane.
“Kuyasijabulisa ukuphinde sizihlanganise neSafa. Sibone kubalulekile ukuthi sithuthukise imiphakathi eyeseka inkampani yethu. Siyazi ukuthi ibhola aliziqedi izinkinga ezibhekene nemiphakathi kodwa liyawenza umehluko ekugqugquzeleni ukuvuselelwa kwemiphakathi esiphila kuyona,” kusho u-Albuquerque.
“Sesivele siyingxenye yebhola labesifazane futhi ngeke sime lapho sikhona manje. Lezi ngxoxo zokuthi singene kwiligi yezifunda yabesilisa sezinesikhathi esingaphezu konyaka ziqhubeka, izinqumo azenziwanga izolo.
“Siyazi ukuthi iBanyana yenze kahle kangakanani eNdebeni yoMhlaba futhi siyakuqonda konke okuqhubekayo ebholeni labesifazane. Akukho okusivimbayo ukuthi senze okuthe xaxa ebholeni labesifazane futhi kunezinhlelo esisaphezu kwazo," uchaze kanje.
ISafa Hollywoodbets Regional League kulindeleke ukuthi iqale ngenyanga ezayo kuzo zonke izifundazwe.