UMQEQESHi weRoyal AM, uJohn Maduka, uthi abakhohlwe abahhumuzela ngokudlaliswa komdlali wasesiswini, u-Andile Mpisane, ophinde abe ngusihlalo weqembu njengoba esazonikwa amathuba uma isimo sivuma.
UMpisane (23) uwuqalile umdlalo ngesikhathi iThwihli Thwahla ivula isizini ye-Betway Premiership ngokubambana ngo 1-1 neCape Town City eHarry Gwala Stadium, ngoMgqibelo.
Igoli leCitizens livalelwe nguPrins Tjueza ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala ngaphambi kokuthi uMotebang Sera ashayele i-AM elokulinganisa ngasekupheleni kwesesibili. USera nguyena ongene endaweni kaMpisane kusanda kuqala isiwombe sesibili.
UMpisane ubengagqamile kulo mdlalo njengoba eliphathe kancane ibhola. Abalandeli abaphawule ezinkundleni zokuxhumana bagxeke ozakwabo ngokungamphaseli, abanye basola yena ngokuthi akakabi sesimweni esilungele ukudlala ezingeni elikhokhelayo.
Nokho, uMaduka uthe kujwayelekile ukuthi umdlali awuqale umdlalo aphinde akhishwe ngokuhamba kwesikhathi.
“Mayelana nosihlalo, simnike ithuba, wadlala, wenza konke obekufanele akwenze. Kudingeke ukuthi senze ushintsho, sifake omunye umdlali. Lokho kuyingxenye yebhola, yinto eyenzekayo kulo mdlalo,” kusho uMaduka.
“Lezi zinto zizokwenzeka futhi impilo iqhubeke. Yisimo esijwayelekile. Njalo uma enikwa ithuba lokudlala uyadlala. Kuzoba nezikhathi lapho sizomfaka khona emizuzwini engu-15 noma engu-20 yokugcina. Kuzoya ngokuthi izinto zihamba kanjani enkundleni.”
Ngesizini ka-2022/23, uMpisane wadlala imizuzu eyisishiyagalombili. Wangena umdlalo usuyophela bebambana ngo 0-0 neRichards Bay FC ngasekupheleni kwesizini.
Kwedlule wadlala kwemibili. Wangena esuka ebhentshini ngomzuzu ka-88 beshaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 koweligi ngoNovemba nyakenye.
Waqala umdlalo wakhe wokuqala ngoDisemba, bebhudluzwa AmaZulu FC ngo 3-0 komunye weligi, wakhishwa ekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Khonamanjalo: UMaduka ukwamukele ngentokozo ukubuya kwesinye sezikhulu zeqembu, uSinky Mnisi, osebambe isikhundla sokuba yiChief Operations Officer. UMaduka ukholelwa ekutheni isipiliyoni sakhe sizolisiza iqembu lithuthuke.
“Kuhle ukuthi umakadebona ofana noSinky abuyele eqenjini. Usenesikhathi eside esebenza ebholeni ngakho-ke ukubuya kwakhe kuzolifukula iqembu,” kusho uMaduka.
Umdlalo olandelayo weThwihli Thwahla ungoMgqibelo ntambama ekuhambeni neSuperSport United.