UDLALWE ngisho sekuyiwe enkantolo umdlalo woMsinga United neMilford ngoLwesibili, wokukhipha iqembu leSafa ABC Motsepe League elizomela iKwaZulu-Natal, emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukwenyukela esigabeni sesibili sePremier Soccer League (PSL).
Leli phephandaba selibike kaningi ngomdlalo ongaphelanga obuphakathi kwe-Asande neMilford. Kawuphelanga ngemuva kokuthi unompempe enike iMilford iphenathi.
ISouth African Football Association (Safa) ibe seyisola i-Asande ngalokhu, yalahlwa icala, amaphuzu amathathu anikwa iMilford. Lokhu kube sekuyenza izingqwele kwi-Stream A.
I-Asande icala ilidlulise laze laya kumahluleli ozimele. Lihlalelwe ngoLwesihlanu olwedlule, yalilahla futhi icala. Phakathi kokunye i-Asande ekhala ngakho ukuthi kayiyona imbangela yokungapheli komdlalo.
Okunye ukuthi ngaphambi komdlalo beyikhokhe imali yesicelo sokuthi kudlalise unompempe osebenza kwiPSL. Ikhala ngokuthi iSafa ayizange ikwenze lokhu. Okukhulu kunakho konke i-Asande ithi ifuna umdlalo ubuyele ensimini.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngoLwesihlanu olwedlule, umahluleli ozimele ulichithe zisuka icala. Amaphuzu amathathu abe esenikwa iMilford.
Lokhu kuyinike igunya lokubhekana noMsinga okusongwe kwi-Stream B uphezulu. Lo mdlalo womlenze wokuqala, obungoLwesibili, eMzisho Stadium, eMsinga, uphele ngeqanda ndawo zombili. Owesibili ungeSonto, eMpangeni Rugby Stadium.
Leli phephanda lithole ukuthi ekuseni ngoLwesibili izikhulu ze-Asande zinikele enkantolo ngenhloso yokuvimba ukuqhubeka komdlalo.
UBongani Nkosi oyimenenja ye-Asande, ukuqinisekisile ukuthi ngempela bebesenkantolo. Uthe okwenze waqhubeka umdlalo weMilford noMsinga ukuthi bafike sekudlule isikhathi enkantolo.
"Inkontolo ithe ngeke isakwazi ukuwumisa umdlalo ngoba sifike sekudlule isikhathi. Sizophinde sinikele khona ngenhloso yokuthi umlenze wesibili ungadlalwa," kubeka uNkosi.
UKwenzokwakhe Ngwenya ongumengameli weSafa, eKZN, uthe abe-Asande ubatshelile ukuthi umthethosisekelo weFifa awuzivumeli izinkantolo ezindabeni zebhola.
"Ngikhuluma nawe nje, umdlalo phakathi koMsinga neMilford uyaqhubeka. Umahluleli ozimele uyisigaba sokugcina sokuqulwa kwamacala. Uma uhlangothi oluthile lunganelisekile kuye kumele luye eZurich, eSwitzerland, ekomkhulu leFifa. Nomlenze wesibili uzoqhubeka," kubeka uNgwenya.
Izoba ngoJuni 5-11, eThekwini, imidlalo kazwelonke yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship. Amaqembu amabili azofinyelela kowamanqamu yiwona azothola ithuba lokudlala kulesi sigaba esikhokhelayo.