ZAKHELE XABA
INHLANGANO eyengamele ibhola eGhana, iGhana Football Association (GFA), ishiye engalazi kwiSouth African Football Association (Safa) ngekubize ngokuhubhuza amanga ngokwenzeka eGhana ngempelasonto edlule.
IGFA, ohideni lwesitatimende esiphume izolo, ikuvezile ukuthi isiyitholile incwadi evela kwiFifa efuna iphefumule ngezinsolo zokubanjwa ngophondo kweBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba eCape Coast Sports Stadium. IBafana ikhale ngaphansi ngo 1-0 wephenathi eshiye kukhalwa.
IGhana inikwe yiFifa kuze kube kusasa ukuthi iziphendulele ngaphambi kokudluliselwa kodaba kwiDisciplinary Committee kwesikhalo seSafa.
Phakathi nesonto, iSafa ibize isithangami nabezindaba, yakuqinisekisa ukuthi ifake isikhalo kwiFifa futhi isiyitholile impendulo. Iveze nokuthi ihambise nobufakazi obuveza ukuthi unompempe uMaguette Ndiaye waseSenegal uyenzelele iGhana.
Esitatimendeni esishisayo, iGhana ayizange iyiphathe indaba kanompempe kodwa yama kwelokuthi iSafa iwuhubhu kabhejane. Yaqala ngendaba yebanga elihanjwe yiBafana ibheke eCape Coast.
"Kuyashaqisa futhi kuwukungahloniphi ukuthi ozakwethu kwiSouth African Football Association (esinobudlelwano obuhle bezemidlalo nabo nenhlonipho) sebeqoke ukusabalalisa amanga kwabezindaba esikhundleni sokukhuluma iqiniso ngokwenzeka ngaphambi komdlalo, ngesikhathi udlala nangemuva kwawo. Okokuqala nje, ngaphambi komdlalo kuvele amanga ngebanga eliphakathi kwe-Accra neCape Coast kangangoba kwaze kwathiwa kulithathe amahora ayisishiyagalolunye iqembu laseNingizimu Afrika ukusuka e-Accra liya eCape Coast selifikile eGhana. Kwaphinde futhi kwi-Twitter (weSafa) umdlalo uphakathi kwabhalwa ukuthi iqembu laseNingizimu Afrika lisatshisiwe, lashaywa, labanjwa inkunzi," kusho isitatimende.
"Iqiniso wukuthi ibanga uma usuka e-Accra uya eCape Coast lingu-79 miles (127km). Ngebhadi lozakwethu, iCape Coast iyidolobha lezivakashi futhi baningi abantu emhlabeni asebeyivakashele futhi bangashaqeka ukuzwa amanga anjena ephuma enhlanganweni yebhola. Ozakwethu bayakhohlwa wukuthi sabehlula ngo 2-0 eCape Coast ngoNovemba 2019 kowokuhlungela iCup of Nations. Uma ushayela, uhamba ngaphezudlwana kwamahora amabili, hhayi ayisikhombisa kuya kwayisishiyagalolunye."
Isitatimende siqhube sithi iGhana iziwinele kahle ngaphandle kokwenzelelwa. Yathi iSafa idicilela phansi isithunzi sayo.
"Nakuba sikholwa ukuthi kuyilungelo leSouth African Football Association ukufuna kuphenywe uma ibona kukhona okuholele ekutheni ihlulwe, kodwa amanga nezinsolo kuwubudedengu obungaholela ekulimaleni nodlame. Sifuna ukusho ngokungahlonizi ukuthi lezi zinsolo azinasisekelo futhi kufanele zithathwe kanjalo. IBlack Stars inegama elaziwayo emhlabeni. Ngeke sizifake ezintweni ezizofaka ibhola ehlazweni. IGhana isidlale kathathu koweNdebe yoMhlaba futhi iyona kuphela izwe lase-Afrika eliwine iFifa World Youth Championship ngo-2009. Sikusebenzele ukuwina kwiNingizimu Afrika. IBlack Stars idlale kahle, yawina umdlalo ngoba kuyifanele. Ngaphandle kosizo.
"IGhana Football Association iyalela iSouth African Football Association ukuthi yamukele ukwehlulwa, ihloniphe iBlack Stars ngokuhlabana kwayo enkundleni njengoba bekungekhona okokuqala futhi kungekhona okokugcina yehlulwa yiGhana. Empeleni bonke abantu baseNingizimu Afrika bayabazi ubungqwele beGhana ebholeni. Yisona isizathu esenza ilandelwe kakhulu naseNingizimu Afrika. Njengososeshini omuhle wezemidlalo, siyazi ukuthi iBafana Bafana yenze konke okusemandleni kodwa yehlulwa yiqembu elingcono, futhi iSafa kufanele ibaqonde abantu baseNingizimu Afrika ibatshele. Sifisela iBafana Bafana nozakwethu kwiSafa inhlanhla ngokuzayo," kuphetha lesi sitatimende.