KUVUKE amaminithi kunozinti wokuqina wakudala weMoroka Swallows, uRodger De Sa ngesikhathi ethola izindaba zokuthi lizobuya ngokusemthethweni ngesizini ezoqala igama eligcwele leMoroka Swallows.
Le ligama lenza iSwallows ibe ngelinye lamaqembu aseqhulwini emlandweni kanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.
UDe Sa osengomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo e-Afrika kwazise useke waqeqesha ne-Orlando Pirates kowamanqamu eCaf Champions League, utshele Isolezwe izolo ntambama ukuthi ujabulise okwengane ezwa lezi zindaba.
“Ukubuya kwegama langempela leSwallows kuhlenga umlando webhola laseNingizimu Afrika okungaba yichilo uma kungathiwa kugcina kuphela ngawo,” kusho uDe Sa.
“Ngaphambi kokuthi ngifike kwiSwallows ibiyiqembu elikhulu. Kwaba yinto efanayo noma sengihambile, ngakho-ke kukhona okukuthintayo ngaphakathi okwenziwa abaphathi beqembu bamanje ngoba bakhombisa uthando ngeqembu.
“Zonke izinguquko abazenzayo zikhombisa uthando lweqembu ngakho-ke ngibafisela inhlanhla ngalokhu abakuzamayo.
“Kuhle futhi kulondoloza umlando webhola lakuleli noweyomkhaya baseSoweto,” kusho uDe Sa.
Uthe kumchaza kakhulu nokuthi iqembu lisadlalela eDobsonville Stadium, eSoweto.
UDe Sa ubeyiphini likaCarlos Queiroz kwi-Egypt kowe-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2019 waphinda waba sesikhundleni esifanayo bekwi-Iran kwiNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngonyaka odlule.
Uvimbe kwiSwallows kusukela ngo-1989 kwaze kwaba ngu-1995.
ISwallows ikhiphe isitatimende esifushane ngoLwesibili iqinisekisa ukuthi lizobuya ngokugcwele igama iqembu elasungulwa ngalo ngo-1947.
Lokhu kuze emuva kokuphela kwesigwebo seFifa okuhlakazwe ngaso iMoroka Swallows ngecala ebelithinta abadlali ababili baseSerbia, u-Obren Cuckovic noVladimir Mandic, abayimangalela kule nhlangano kubangwa imali.
Kusukela yasungulwa, iSwallows idlale esigabeni esikhulu kwaze kwaba igencwa yizembe ngesizini ka-2014/2015.
Emuva kwezembe kube nosizi olubize olunye. Kuvele la macala ngoba iqembu belicwile ezikweletini ngaphansi kobuholi bukaLeon Prins.
Zehle ngohologo kwiSwallows ebihaqwe yizinkinga yaze yazithola isidlala kwiSAB League (ABC Motsepe League).
Sekungumlando ukuthi usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa uthenge iMaccabi FC ebidlala esigabeni esiphakela esikhulu ngo-2019 wayiqamba ukuthi yiSwallows FC.
Isigwebo seFifa siphele ngoJanuwari nonyaka.