ISIFUNA luxazululwe inkantolo iMarumo Gallants udaba lwayo lokwenqaba ukukhokha amabhonasi abadlali abayifaka kowandulela owamanqamu, eCaf Confederation Cup ngesizini ka-2022/2023.
Lezi zindaba Isolezwe lizitshelwe uTaelo Motloung ongusihlalo weFootball Union of South Africa (Fasa) ephethe udaba lwalaba badlali.
Kubhekwe onyakeni wesibili kunalo mdonsiswano. IMarumo yayisadlala kwiDStv Premiership eseyaziwa ngeBetway Premiership.
Ekupheleni kwesizini ka-2022/23, yadliwa izembe yashoveleka kwiMotsepe Fondation Championship. Ukuze ibuyele esigabeni esikhulu kwisizini ezoqala, isizwe ukuthenga isitifiketi seMoroka Swallows.
Umsindo waqala ngesikhathi ingena kuma-quarterfinal eConfederation Cup ngo-Ephreli wango-2023.
Abadlali baveza ukuthi izikhulu zabathembisa ngokubabonga ngebhonasi ka-30% ababezocazelana kuyo.
Bengakanikwa le mali baphinde bafinyelela kowandulela owamanqamu. Lokhu kwakusho ukwenyuka kwemali yamabhonasi njengoba iqembu lathola u-R14 million ngokuphuma kulesi sigaba.
Ngokwezibalo, lo 30% ulinganiselwa ku-R4.2 million.
Isolezwe lalushicilela udaba lapho abadlali abakweletwayo bekhala ngezikhulu zeMarumo ezazinqaba namabhonasi.
ULetsie Koapeng ongomunye owayedlala kwiMarumo, watshela Isolezwe ukuthi udaba sebelufake enkampanini yabameli, iDe Bruyn Attorneys. Lo mdlali waveza ukuthi bazihlanganisele bona imali. Ngenxa yokushaywa imali bagcine belufake kwiFusa.
Abanye abakweletwa yileli qembu; uLucky Mohomi, Katlego Otladisa, Celimpilo Ngema, Lebogang Mabotsha, Abram Ngcobo, Lehlohonolo Nonyane, ukusho abambalwa.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule, iFusa ilinqobile leli cala kwiPSL Despute Resolution Chamber (DRC).
Bekuhlalelwe olukaNgcobo, Mabotja noNyame abalucela kuqala usizo enyunyanyeni. Nokho iMarumo iphikisene nesinqumo, ithe ifuna luhlalelwe umahluleli ozimele weSafa.
UMotloung utshele Isolezwe ukuthi umahluleli ozimele ugcine engaluhlalelanga lolu daba, wathi lokhu kudalwe yiMarumo evele yabashintshela esikhaleni yathi ifuna liqulwe inkantolo.
"Ziyadlala izikhulu zeMarumo, zizogcina zibanikile laba badlali amabhonasi abo. Zenza lokhu ngoba zifuna ukubambezela leli cala. Zinayo imali, nakhu nje zithenge nesitifiketi seSwallows sokudlala esigabeni esikhulu. Sizitshelile ukuthi asiyi enkantolo. Sesilinde iSafa ithathe isinqumo sokuthi lizoqulwa kanjani futhi kuphi. Okuzokwenzeka, iMarumo izoziqhatha neSafa ngalokhu kufuna ukuya enkantolo," kubeka uMotloung obezwakala ukuthi seluyamnenga lolu daba.
Ngaphandle kodaba lwalabadlali abathathu, lesi sikhulu siveze nokuthi seluhlalelwe nolwabawu-12 abaseceleni. Kulindwe isinqumo sePSL.
U-Abram Sello ongusihlalo weMarumo, uthe akasafuni ukukhuluma ngalolu daba.
"Angisathandi ukukhuluma ngalolu daba. Simatasa, silungiselela ukuqala kwesizini entsha, ngicela uphinde ungithinte emasontweni ezayo," ushaye kanje ngamafuphi.
Sisekuzo ezithinta leli qembu eselifudukele eFree State, kuvela ukuthi iGallants isezinhlelweni zokushintsha igama izibize ngeBloemfontein Celtic. Nokho uMax Tshabalala ongusihlalo weCeltic asanda kuveza ukuthi idlala kwiMotsepe League, uthe ingamanga le mibiko wase evala ucingo.