IBAMBA lomqeqeshi kwiMarumo Gallants, uRaymond Mdaka, lithi basazimisela ukuhamba ibanga elide kwiCaf Confederation Cup nakuba bedonsa kanzima kwiDStv Premiership.
IBahlabane ba Ntwa idlale ngokulingana ngo-2-2 neCape Town City emdlalweni wayo wakamuva weligi eCape Town Stadium ngoLwesibili. Isesemsileni kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-23.
Isele ngephuzu elilodwa kwiMaritzburg United ekunombolo-15, isemuva ngamane kwiSwallows FC neChippa United, yize isidlale umdlalo owodwa ngaphezu kwala maqembu amathathu.
“Sikhethe ukudlala umdlalo ovulekile neCity ngoba bekumele sihlasele. Besibheke ukuthola amaphuzu amathathu ngenxa yendawo esikuyo. Akwenzekanga kanjalo sagcina sithole elilodwa,” kusho uMdaka.
“Bekuwumdlalo onzima kodwa kuyakhuthaza ukubona ukuthi abadlali basazimisele ukulwa kuze kube sekugcineni.
“Okukhathazayo ukuthi imidlalo iyancipha kodwa akusukeki emsileni. Kumele sinqobe ukuze sikhuphuke bese siqala ukuzizwa siphephile. Umoya usemuhle ngaphakathi eqenjini kodwa lokho kumele kuhambisane nemiphumela emihle.”
Isimo samaGallants kwiligi sihlukile kuneseCaf Confederation Cup lapho beqhwakele khona kuGroup A ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni emine.
Kulo mqhudelwano sebenqobe imidlalo emithathu, bahlulwa kowodwa. Baguqise i-Al Akhdar yaseLibya ngo-4-1, iSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo ngo-2-1 ne-USM Alger yase-Algeria ngo-2-0.
Bake baqhuzuka ngesikhathi beshaywa yiqembu lase-Algeria ngo-2-0 ekuhambeni.
Umdlalo wabo olandelayo baya kwi-Al Akhdar eMartys of February Stadium, esedolobheni laseBenina, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Uma bewunqoba bayobe sebengenile kuma-quarterfinal kanti nephuzu lingabadlulisa uma iLupopo ihluleka ukushaya i-Alger.
“IConfederation Cup asiyithathi njengento esiphazamisayo, yithuba elihle lokuthi iqembu liqophe umlando. Sidlala namaqembu amakhulu e-Afrika, kunamaqembu angasoze alithole leli thuba,” kusho uMdaka.
“Sikholwa wukuthi sineqembu elingamelana nayo yomibili le miqhudelwano. Ngokubona kwami sidlala ngendlela efanayo kuyona yomibili, akusikhona ukuthi abadlali bakhipha amangwevu kwiConfederations Cup kuphela.
“Okungikhathazayo ngamagoli esiwadedela kwiligi, kufanele sithuthuke lapho. Angikhathazekile kakhulu ngokuhlasela kwethu ngoba siyawakha amathuba futhi sishaye namagoli.
"Sizozama ukulungisa amaphutha sibone ukuthi sizothuthuka kanjani emdlalweni olandelayo okuzobe kuwumdlalo weCaf ekuhambeni. Lona umdlalo esifuna ukuwunqoba ukuze sidlulele kwesomkhumulajezi.“
UMdaka unikwe izintambo ngoJanuwari ngesikhathi leli qembu lifaka umqeqeshi, uDan Malesela, ekhefini eliyisipesheli ngenxa yemiphumela engemihle. UDylan Kerr umenyezelwe njengomeluleki kodwa akakwazi ukuhlala ebhentshini njengoba engakayitholi imvume yokusebenza kuleli.
UMdaka uthe basebenzisana kahle noKerr futhi bayazama ukuxhumana ngesikhathi semidlalo.
“Akukho lutho olubi. Umsebenzi omningi awenziwa ngesikhathi somdlalo, wenziwa uma siziqeqesha. Ukuthi nje kwesinye isikhathi kungaba ngcono uma nisondelene ukuze nisheshe nicobelelane ngemibono kodwa akuyona inselelo enkulu.”