I-TS Galaxy ayizimisele ngokuyibhubhudla yonke imali eyihlafune ngokudayisa abadlali abebewumgogodla wayo ngoba isikukhombisile ukuthi inalo iso lokuvumbulula kwiMotsepe Foundation Championship ekubeni nezinkulisa zayo zilokhu ziqhubeke njalo nokukhiqiza ulozolo.
Lawa amazwi omqeqeshi wamaRockets, uSead Ramovic, awatshele abezindaba esithangamini sabezindaba emuva kokuguqiswa iStellenbosch FC ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu weCarling Knockout Cup ngoMgqibelo, eMoses Mbhida Stadium.
Amaqembu ahlanganisa iKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns, Orlando Pirates, Cape Town City namabili aphesheya kwezilwandle, axebule abadlali abamqoka kwiGalaxy ezinyangeni ezedlule.
Kusukela kukaputeni, uGiven Msimango osekwiChiefs, Bathusi Aubaas, osengoweSundowns, Melusi Buthelezi, oseyisithenjwa sePirates ezintini, Tshegofatso Nyama, osephenduke abanye babamqoka kumaCitizens no-Aphelele Teto, osegijima kwiLivingstone FC yaseScotland, abebewumgogodla waleli qembu badayisiwe muva nje.
Omunye umdlali obemqoka kwiGalaxy kodwa naye yamdedela kalula, umgadli wase-Ivory Coast, uDjakaridja Traore, othengwe iqembu laseTurkey, i-Istanbulspor.
“Njengamanje sinabadlali enganeliseke ngokugcwele ngabo abangu-24 ngakho-ke angisiboni isidingo sokusebenzisa imali egameni lokuthi ikhona ikakhulukazi njengoba ngingangabazi ukuthi sisazoqhubeka nokukhiqiza kanjalo nokutomula esigabeni esiphakela esikhulu,” uphendule kanje uRamovic ebuzwa Isolezwe ngokuthi ngabe uzongena agamanxe emakethe ngoJanuwari, ngoba kuyaziwa ukuthi izigidi zigcwele amaphakethe.
“Asikho isidingo sokusebenzisa imali kubadlali abasha ekubeni ngingangabazi ukuthi ngalaba abakhona singakwazi ukuqeda ngabo isizini sibalwa anamqembu akwi-Top 8.
“Ngiyakholelwa esikwatini sami futhi ngiyaziwa ukuthi ngiwumqeqeshi onika abafana abangaziwa ithuba ngakho-ke lokhu kuzoqhubeka ngaphandle kokuqhumuza imali ngoba sibuswa ukuthi ikhona.
“Njengamanje sinabadlali abayisithupha esikimini esikhulu abasuka ezinkulisa zethu kanti abasuka kwiMotsepe Foundation bane okuyizibalo okufanele zikucacisele ukuthi yini eyenziwa kwiGalaxy.
“Ngiyazi ukuthi kubhekwe ukuthi singene emakethe ngoba imali ikhona kodwa namaqembu anayo ngaphezu kwethu njengeSundowns, awavele aye ngobuso kepha kuthatha isikhathi kubunjwe kuqala.
“Konke kuhamba kahle futhi abafana abancane balokhu beqhubeke njalo nokuziveza okwenza ngicabange nokuthi nakule sizini bakhona abazosingqongqozela befuna abadlali,” kuqhuba uRamovic.
UBradley Mojela omunye wabadlali abagqamile kwiGalaxy kusukela efike kuyona ngoJuni esuka kwiCasric Stars edlala kwiMotsepe Foundation. Uyena ovule inkundla eMabhida ngengcwenga yegoli.
“Usazoqhubeka nokusenzela okukhulu uMojela. Kuyathusa ukuthi simthole esigabeni esincane wafika wasenza iqembu elingcono,” kusho uRamovic.
Mayelana nokuphunyukwa yindebe, uthe: “Ngiwumuntu okholelwa ekutheni uMdali izinto uzinika abantu ezibafenele. Akekho ongawuboni umsebenzi omuhle owenziwa uSteve kwiStellies ngesabelo mali esingekho. Nakuba kubuhlungu ukuthi indebe isiphunyukile kodwa uma kuwukuthi kukhona umqeqeshi obengangiphuca le nkomishi, uSteve uyena engikwamukela kalula kuyena ngoba umsebenzi owenzayo uyabonakala.”