IMFIHLO yeMagesi FC, okubukeka kungasensuku-zatshwala ukuthi idle isicoco seMotsepe Foundation Championship, ilele kwilukuluku elikubadlali baleli qembu laseLimpopo abanomlando wokuxoshwa emaqenjini abebewadlalela phambilini esigabeni esikhulu iDStv Premiership.
IMagesi ephekwa uClinton Larsen, iqhwakele ngamaphuzu angu-49 emidlalweni yeligi engu-25. I-University of Pretoria ikweyesibili ngawu-44 emuva kwesibalo esifanayo semidlalo.
ULarsen uveze akholwa wukuthi yikhona okwenza iMagesi ivuthe kuleli ligi yesigaba sesibili kuleli.
Ngempelasonto edlule iMagesi ikwazile ukuzishayela izimbangi zayo ezinkulu i-University of Pretoria, eyihlule ngo 1-0.
“Imfihlo yeMagesi ukuthi ngibe nenhlanhla ngafika eqenjini kukhona abadlali esengike ngasebenza nabo phambili,” kusho uLarsen.
ULarsen useke wasebenza nomgadli owaqhululayo amagoli, uRulani Manzini noDiamond Thopola kwiChippa United ekubeni kukhona noDoelin Mekoa wodumo kwiMaritzburg United kodwa uke wasebenza nalo mqeqeshi kwiSummerfield Dynamos kwi-ABC Motsepe League KwaZulu Natal.
“Nakuba ngingeke ngibakhulumele (abadlali bami) kodwa abaningi kwiMagesi banomlando wokudedelwa amaqembu abo akudala besazibona sisabafanele lesi sigaba.
“Ngiyavuma ngibe nenhlanhla yokufica abathile esengike ngabahola phambilini okwenza impilo ibelula kodwa engikuqaphelayo ukuthi abanye babo basenegqubu ngendlela obaphelele ngayo umsebenzi emaqenjini abebewadlalela esigabeni esikhulu,” kuqhuba yena.
Abanye babadlali abake bazakhela igama esigabeni esikhulu abasemabhukwini eMagesi, u-Elvis Chipezeze owadlala kwiBaroka FC isadlala kwiPremiership, Samuel Darpoh owayegijima kuMaZulu FC, Edmore Chirambandare owachithwa yiKaizer Chiefs noWonderboy Makhubu oke wadlala kwiSekhukhune United, ukubala abambalwa.
Nakuba lo mqeqeshi engakholelwa ekutheni sebeqedile ngeligi kodwa uyavuma ukuthi kusezandleni zabo konke okuzokwenzeka kusuka manje.
“Sesingayidedela thina iligi kodwa okusemqoka kunakho konke nokungasisiza ukuthi singabe sisavuma ukwehlulwa kule midlalo yeligi eyisihlanu esisalele.
“Angikhathazekile nokho ngokuthi kungenzeka abadlali bazithele ngabandayo (ngoba bezitshela ukuthi sebeqedile) kodwa kunjengoba ngishilo, ukuthi nabo banezabo izifiso eziqondene nabo zempilo engcono,” kuphetha uLarsen.