NGOKUVAMILE iMamelodi Sundowns ibuya emidlalweni yeCaf Champions League isizojaha amaphuzu nemidlalo kwiDStv Premiership kodwa kulokhu kubukeka izobuyela kweyeCaf ishaywa wumoya ngokuvikela isicoco seligi.
Lokhu kudalwa wukuthi ngoLwesihlanu ivule igebe lamaphuzu angu-10 phakathi kwayo namaqembu ayijahayo aholwa yiSuperSport United, okungenwe kule mpelasonto isendaweni yesibili ngangu-27.
ISuperSport ibibhekene nethuba lokunciphisa leli gebe ibhekene neLamontville Golden Arrows koweligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu izolo ntambama.
NgoLwesihlanu iSundowns yehlule iRichards Bay ngo 2-0 ngamagoli kaCassius Mailula noHaashim Domingo.
ISundowns ibuyela emidlalweni yeChampions League ngoFebhuwari 10 lapho izoqala khona eyamaqoqo ne-Al Hilal.
ISundowns isinemidlalo eyisishiyagalolunye yeligi ilandelana ingayazi induku. Uwodwa vo esawudlale ngokulingana kule midlalo.
Emihlanu egcinile, idlalwe uRhulani Mokwena eseyinhloko yabaqeqeshi, ayikaze ingenelwe yigoli kuyo ekubeni isibasele amagoli angu-14.
Iyisithupha imidlalo esazodlalwa yiSundowns ngaphambi kokubuyela kokuqala kweyamaqoqo eChampions League.
“Ibhayibheli lithi umuntu uyahlela, bese uMdali enze. Lokho kusho ukuthi kuseyisibusiso sikaNkulunkulu lokhu asipha khona. KwiBay sidlale neqembu elingelula neze, eliqeqeshwa kahle nelisimise kabi kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uMokwena, kuzwakala ukuthi uyakubalekela ukwenaba ngezinhlelo zakhe ngaphambi kokubuyela kweyeChampions League.
“Benginganakile,” ukuthi kusuka ethathe amatomu okuba yinhloko yabaqeqeshi, sebenqobe imidlalo emihlanu bengangenelwa yigoli, ilandelana.
“Okukhulu kakhulu kodwa ongakufunda la wukuthi kusho ukuthi sekumele silwele ukuqhubeka nokudlala kangcono, ngoba kuyacaca ukuthi bonke sebezolwela ukusiqumba phansi. Kufanele silokhu siqhubekile nokulwela ukuba ngcono.”
ISundowns izosonga uJanuwari isidlale nawo wonke amaqembu alandelana ezindaweni ezine emuva kwayo.
Emuva kweBay kuzolandela iChippa United ngoLwesibili, yiSuperSport United ngomhla ka-16 neKaizer Chiefs ngoJanuwari 21.