IMamelodi Sundowns iqhubekile nokugcina irekhodi lokungehlulwa kule sizini isonga umzuliswano wokuqala wesizini ingayazi induku ibambana kuthula umoya ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Mamelodi Sundowns (0) 1
Orlando Pirates (0) 1
IMamelodi Sundowns iqhubekile nokugcina irekhodi lokungehlulwa kule sizini isonga umzuliswano wokuqala wesizini ingayazi induku ibambana kuthula umoya ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola baseMzansi, kubonakale izinguquko ezinqala esikimini seSundowns. Nokho obekuvele kulindelekile ukuthi iphumuze abanye abadlali bayo abamqoka abebeyibambe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
ISundowns esiqale umdlalo ngaphandle kukaMothobi Mvala, Grant Kekana, Aubrey Modiba, Teboho Mokoena noThemba Zwane.
Bekukhona unozinti uRonwen Williams, uThapelo Morena noPeter Shalulile naye odlalile kwi-Afcon emele iNamibia.
Esikimini esiqale umdlalo sePirates bekukhona umgadli, u-Evidence Makgopa noDeon Hotto abebeyibambe kwi-Afcon kwiBafana neNamibia ngokwehlukana.
UMakgopa ulahle ithuba lokubeka phambili iPirates ngemizuzu yokuqala kulo mdlalo ethola uqekelele ngaphakathi ebhokisini kodwa ibhola lakhe alangagcwala, walibamba kalula uWilliams sebemi ngezinyawo abalandeli beBucs ngomzuzu ka-14.
UShalulile naye ucishe wabeka phambili iDowns ngomzuzu ka-29 ngenkathi ibhola lakhe abelingqomfe ngekhanda liphuma kancane eceleni kwepali likade ligotshwe nguMarcelo Allende. Ziye ekhefini zibambene ngo 0-0.
Ngomzuzu ka-53, iPirates izithole isidlala ingasaphelele ngenkathi uMiguel Timm ethola ikhadi elibomvu emuva kokukhonjiswa elesibili eliphuzi kulo mdlalo emuva kokudlalisa kabi uWilliams.
Ukuhlasela ngamandla kweDowns kugcine kuthele izithelo ngomzuzu ka-73 ngemuva kwembumbulu yeshodi edudulwe ngu-Allende engaphandle kancane kwebhokisi, walizwa ngendaba unozinti wePirates uSipho Chaine.
Nokho iBucs ithole elokulinganisa ngenkathi uThapelo Xoki edudulelwa phansi ebhokisini ngu-Abdelmounaim Boutouil weDowns, unompempe uThando Ndzandzeka, akangananaza ukuyikhomba ebhokisini.
UXoki uyivalele phakathi ngobuchule iphenathi ngomzuzu ka-77 kwaba ngu 1-1.
Nakuba iDowns isaqhubeka nokungahlulwa kule sizini emidlalweni engu-15 esayidlalile yePremiership, kodwa okuqaphelekayo wukuthi seyidlale imidlalo emithathu ilandelana yehluleka ukuwina, idlala ngokulingana.
AmaSandawana azodlala owomkhumulajezi weNedbank Cup Last 32 neNB La Masia edlala kwiMotsepe Foundation, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ngo-7 ebusuku.
Kanti eZimnyama kubukeka zizogingqa emdlalweni wazo olandelayo okumele ziwudlale ngoMgqibelo ozayo eMbombela Stadium, eNelspruit, weNedbank Cup Last 32 uma ligcina lingaphumanga iqembu laseMpumalanga elidlala eligini yeSafa okumele idlale nalo.