UKUDONSA izinyawo kweKaizer Chiefs kungase kuyiphuthisele ngokusayinisa izibabuli zabadlali bezinkunzi zamaqembu aseTanzania.
Ngeledlule, Isolezwe libike ukuthi iChiefs isezithendeni zesiqongqwane seSimba, uMohamed Hussein nakwezomgadli, uFiston Mayele weYoung Africans eteketiswa ngeYanga.
UHussein oyibamba ohlangothini lwesobunxele, ushaya into ecokeme eqenjini laso. Kwiligi usenqobe kathathu umklomelo weBest Defender of the Season nowePlayer of the Season amahlandla amabili.
Uwukaputeni kwiSimba naseqenjini lesizwe leTanzania. Inkontileka yakhe neSimba iphelile njengoba kuvalwe isizini.
Ufunwa nayi-Al Hilal ne-Al-Merrick baseSudan. Kukhona ne-Al Ittihad yase-Egypt.
Ngokuthola kweSolezwe, ngoMsombuluko odlule, ithimba labaqeqeshi beChiefs belinomhlangano okuthiwa kokunye obekubhungwa kuwo ngabadlali okuzoqiniswa ngabo iqembu. Amakhosi asevele adedele umdlali wasemuva, u-Eric Mathoho nokho ngoJanuwari asayinise uThatayaone Ditlhokwe obekwiSuperSport United oyibamba emuva.
Ngokusho komthombo, abaqeqeshi baMakhosi bebesalinde umhlahlandlela mayena nalaba badlali.
Isolezwe lithole ukuthi abaphathi bezindaba zikaHussein bebona kucwebe iziziba, bathinte iChiefs ukuzwa ukuthi kuqhubekani kodwa yangaphuma impendulo ecacile.
"ISimba iyafuna ukuvuselela inkontileka kaHussein emasontweni edlule. Ngenxa yokuthi lo mdlali nabaphathi bakhe bafuna eze kuleli bebelokhu bebika imbiba nebuzi kwizikhulu zayo. Kwale noma sebeyichazela ngalokho kodwa (iChiefs) yangaba nempendulo ecacile," kubeka umthombo.
NakuMayele kuvela ukuthi okwenza iChiefs ishaye amakhala ukuthi iYanga ifuna uR10 million.
IFarPost ibike ukuthi kwiYanga ubehola uR250 000. Lokhu kuchaza ukuthi kwiChiefs kumele ahole imali engaphezulu. Kusekhona nesamba sokusayina. Lo mdlali yena usanenkontileka yesizini neYanga.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uhlangothi lweChiefs. Kwale noma uBobby Motaung oyimenenja esethunyelelwe imibuzo ngomyalezo.
Isolezwe lithole ukuthi njengoba iChiefs isidonsa izinyawo ngoMayele, nokho zisaqhubeka izingxoxo zokuthenga uRanga Chivaviro obenza izimanga kwiMarumo Gallants. Ngesonto eledlule, iminenja yakhe uHerve Tra Bi weTnb Sports Agency Management, ikuqinisekisile ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu afuna lo mgadli.