IDIDA unwabu imiswenko ekhishwe amaqembu abhekwe embangweni wesicoco se-English Premier League (EPL) eqala isizini entsha izolo ngomdlalo weManchester United neFulham.
Kumasizini adlule amaqembu athathwa njengamakhulu e-England asekuphendule isiko ukukhipha imisiko eyahlukene ngenhloso yokukhuphula isasasa lokuqala kwesizini entsha.
IManchester City evikela isicoco, Arsenal nayo ebisembangweni ngesizini edlule sebeyikhiphile imisiko yabo yakamuva yakwa-Adidas nakwaPuma ngokwahlukana.
IMan United, Chelsea FC, Liverpool FC neTottenham Hotspur nabo sebeyikhiphile imisiko yabo yakhona kwa-Adidas neyakwaNike ngokwahlukana.
Umbuzo omkhulu uthi, njengoba imiswenko iseqophelweni eliphezulu kanjena nje, amaqembu asephelezele iMan City kumasizini amane adlule azoshintsha yini ukwenza enkundleni ngo-2024-2025.
Wonke la maqembu athathwa njengamakhulu awagcinanga ngokusika kwingqephu kepha nakubadlali angene agxila emakethe okwenza abalandeli bangabe besakwazi ukulinda ukuqala koshikishi.
Ubani ozodla isicoco?
Amasizini amabili adlule akhomba ukuthi nakulokhu umbango wesicoco uzoba phakathi kweMan City ne-Arsenal kodwa kungaba iphutha ukungayinaki iLiverpool.
La maqembu womathathu abalwa nabhekwe ukuthi abange izindawo ezine ze-Uefa Champions League neChelsea, Tottenham, Newcastle United ne-Aston Villa.
Umdlalo omkhulu obhekiwe kweyokuvula iligi:
NgeSonto: Chelsea v Manchester City, eStamford Bridge ngo-5.30 ntambama.
Ompetha iCity abazange babe matasa emakethe yabadlali kwazise badedele, uJuli
an Alvarez, othathwe i-Atletico Madrid balanda uSavinho abebembolekise kwiGirona FC ngesizini edlue.
KwiChelsea ezokwamukela amaCitizens kowayo wokuqala kubhekwe amangwevu omqeqeshi omusha, u-Enzo Maresca, okhuphulele iLeicester City esigabeni esikhulu ngesizini edlule.
Kuze kube imanje uMaresca useqinise ngonozinti waseSweden, uFilip Jorgensen, Tosin Adarabioyo, Kieran Dewsbury-Hall noPedro Neto, bonke abafike nesithunzi abasuke naso emaqenjini abo.
IChelsea neCity bake bahlangana kweyokuzwana
amandla muva nje, e-USA, ezikaPep Guardiola zanqoba ngo 4-2.
Amaqembu amasha:
Ngokomlando webhola lase-England amaqembu asuke ekhushulelwe esigabeni esikhulu avamise ukuthwala kanzima kwesinye isikhathi kugcine kuyiwona agencwa izembe.
Kulokhu kukhuphuke i-Ipswich Town, Leicester neSouthampton.
Imidlalo ye-English Premier League:
NgoMgqibelo - Ngo-1.30pm: Ipswich Town v Liverpool
Ngo-4pm: Arsenal v Wolverhampton; Everton v Brighton; Newcastle United v Southampton; Nottingham Forest v Bournemouth
Ngo-6.30pm: West Ham v Aston Villa
NgeSonto - Ngo-3pm: Brentford v Crystal Palace
Ngo-5.30pm: Chelsea v Manchester City
NgoMsombuluko - Ngo-1pm: Leicester City v Tottenham Hotspur