UKUTHELELEKA kwezilomo zezemidlalo ngecoronavirus kulezi zinyanga ezimbili ezedlule kuletha uvalo lokuthi kungenzeka iphinde imiswe imiqhudelwano ethandwa zinkumbi njengalokhu kwenzekile ngoMashi kubheduka icoronavirus emhlabeni wonke.
USepthemba no-Okthoba udumaze abalandeli abaningi iCovid19 igadla kuzwakale ezilomeni eziningi zemidlalo enhlobonhlobo.
Eqhulwini lalezi zilomo kungabalwa ingwazi kanobhutshuzwayo esinqobe iBallon d'Or kathathu, uCristiano Ronaldo.
Ukaputeni wePortugal, ondlala ibhola kwiJuventus e-Italy, kuphoqe ukuthi ashiye phakathi i-Uefa Nations League ngemuva kokutholwa enokhuvethe ngemuva kokudlala bebambana neFrance ngo 0-0.
Okubi kakhulu ngokutheleleka kukaRonaldo wukuthi nangemuva kwezinsuku ezingu-10 egoyile kodwa kusabuya imiphumela ethi usekhona umkhuhlane.
Lokho kwenza angakwazi nokusiza iJuventus okucacayo ngemiphumela engemihle ukuthi iyamdinga.
Kuleli sonto inqunywe yiBarcelona ngo 2-0 emdlalweni wamaqoqo we-Uefa Champions League.
Kuthinteka iFrance nje ekuthlelekeni kukaRonaldo, nayo ike yaba nenkinga kuhaqeka injini edlala kwiManchester United, uPaul Pogba.
Yize esethola imiphumela emsulwa uPogba kodwa namanje akadlali umdlalo ogcwele.
Nakomphetha base-England, iLiverpool, ifikile icoronavirus kumdlali waseSenegal uSadio Mane, ophethe umqhele womdlali ovelele e-Afrika.
Lokho kuze nosizi kwiLiverpool kwazise iphinde yalinyalelwa ngabanye abadlali kanti uMane nguye shayela amagoli.
Nongadlangadla yomgadli waseSweden, uZlatan Ibrahimovic, ayisindanga kwicoronavirus.
Lo mgadli we-AC Milan icoronavirus imhlasele ngoSepthemba kodwa njengokuziphathisa okwengqwele eyapheka netshe kwavuthwa lona kuqala, isindile kulo mkhuhlane yabuya yavathela amagoli amabili isiza iMilan kowomkhaya ne-Inter Milan.
Ngawo uSepthemba iCovid19 iphinde yahlasela isilomo saseBrazil, uNeymar Jnr. Naye kodwa lo mdlali weParis Saint Germain, ophethe irekhodi lokubiza imali ebedlula bonke emhlabeni, usindile wabuya wabuyela enkundleni.
Ezinye izilomo nguDustin Johnson ongumdlali wegalofu wase-USA, Novak Djokovic oshaya ithenisi waseSerbia noValentino Rossi wase-Italy ontweza ngezithuthuthu kwiMoto GP.
URossi onezicoco eziyisishiyagalolunye zomhlaba, ube ngumdlali wokuqala weMoto GP ukutholwa enegciwane.