ICHIPPA United izifake obhukwini lweRoyal AM ngokunqaba ukukhokhela umdlali waseTanzania.
IChilli Boys isigwetshwe yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ukuthi ingabhalisi abadlali. Lokhu kungenxa yecala elafakwa ngumdlali wasemuva, u-Abdi Banda, osedlala kwiRichards Bay FC.
UBanda waxoshwa maphakathi nesizini edlule yiChippa, yagcina ingamkhokhelanga imali yakhe engu-R1.2 million.
NgoLwesibili iFifa ikhiphe isigwebo esivimbela iChilli Boys ukuthi isayinise abadlali. Ngokwencwadi ebhalwe yile nhlangano, akucacile ukuthi isigwebo sizoba yisikhathi esingakanani.
“Sifisa ukwazisa izinhlangothi ukuthi isigwebo esivimbela ukubhalisa abadlali abasha sesikhishiwe yiFifa kusukela namuhla. Ngaphezu kwalokho, ilungu lenhlangano liyacelwa ukuthi likuqale lokhu ngokushesha kwabebemangalelwe yiChippa United United FC ekutheni ivalwe ekubhaliseni abadlali ezweni,” kusho incwadi yeFifa.
Imizamo yokuthola uhlangothi lweChippa ayiphumelelanga.
IChippa iyiqembu lesibili elizodonsa isigwebo seFifa kule sizini. Igwetshwa nje iRoyal AM isadonsa esayo kulandela ukwehluleka ukukhokhela umgadli, uSamir Nurkovic, imali yakhe emuva kokunqamula inkontileka yakhe. Ngokwemibiko iThwihli Thwahla ikweleta lo mgadli, osegijima kwiTS Galaxy, u-R12 million. Ubunzima obubhekene ne-AM ngalesi sigwebo buyabonakala enkundleni kwazise ayinayo indlela yokuqinisa isikimu sayo. Inqwaba yabadlali, abebeziqeqesha nebibafuna, bagcine behambile ngenxa yesigwebo. IThwihli Thwahla isendaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership emuva kwemidlalo engu-11. Isawine imidlalo emithathu kuphela.
Akubuzwa ukuthi ukugwetshwa kweChippa kuzoshaya kuzwele njengoba kubhekwe ewindini lokubhalisa abadlali elizovulwa ekuqaleni kuka-2024. IChilli boys, esayinise abadlali abanesipiliyoni ekuqaleni kwesizini, isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngemuva kwemidlalo engu-12.