IKAIZER Chiefs elokhu iqhubekile nokuqinisa isikwati sayo ukulingeselela ukuqala kwesizini ezayo, seyisayinise umdlali wasesiswini uTebogo Potsane osuka kwiRoyal AM.
UPotsane (29) oyisikhishwikhwishi somdlali wasophondweni lwesokudla omandla ngomjiko oya phambili nokugoba amabhola ayingozi, ubesedlale amasizini amabili kwiRoyal AM ayijoyine ngesizini ka-2021/22 esuka kwiBloemfoentein Celtic efuduka nayo ngenkathi ithengwa nguShauwn Mkhize.
Usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiChiefs, eba ngumdlali wesikhombisa kuleli qembu laseNaturena kubadlali eselibasayinisile kueli windi lokusayinia abadlali.
“Sikholwa wukuthi uTebogo uzosikhombisa ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu eqenjini,” kusho uKaizer Motaung Junior, oyiSporting Director yeChiefs.
“Ufika nekhono lakhe kithina, namava amakhulu abadlali bethu abancane abangafunda futhi bazuze lukhulu kuwona.
Sijabule kakhulu ngokusijoyina kwakhe emndenini weKaizer Chiefs.”
UPotsane ufika nje eNaturena ulandela abanye abadlali abayisithupha abethulwe ngoMsombuluko kuleli qembu.
Laba nguMduduzi Mdantsan osuka kwiCape Town City, u-Edson Castilo osuka kwiManagas yaseVenezuela, uRanga Chivaviro osuka kwiMarumo Gallants, uGiven Msimango osuka kwiTS Galaxy, uThatayaone Dithlokwe osuka kwiSupersport United, noPule Mmodi osuka kwiLamontville Golden Arrows.
Amakhosi asayinisa laba badlali abanohlonze nje akukapholi maseko eqoke uMolefi Ntseki njengomqeqeshi omusha, ongene esikhaleni sika-Arthur Zwane osezoba yisekela lakhe noDilon Sheppard kusukela ngesizini ezayo.
Nakuba abanye abalandeli beZimpofana beshaya amakhala ngokuqokwa kukaNtseki kwesokuqeqesha leli qembu, kodwa kubukeka kuzothi gidi izibindi kubona kulokozise nenhlasi yethemba ukusayinisa kwaleli qembu abadlali abanohlonze, okuyinto abebehlale bekhala ngayo.