UKUBHEKANA neKaizer Chiefs akuyona into engaze imqwashise angalali ebusuku uPablo Franco Martin, ocija AmaZulu FC. Usuthu nalo lunezalo izinselelo njengoba lungakashayi nelilodwa igoli selokhu kuqale isizini ka-2023/2024, okusho ukuthi umdlalo walo weDStv Premiership neChiefs e-FNB Stadium kusasa ngo-5 ntambama ubaluleke nxazonke.
La maqembu azobhekena engaphansi kwezimo ezingavamile kunomlando wokulandela ibhola laseNingizimu Afrika.
IChiefs, emidlalweni emithathu yeligi isabuye nephuzu elilodwa negoli elilodwa okuyibeka emsileni weligi.
Yize umkhulu umsindo ngokuthi AmaZulu awakayiboniswa nakanye inethi kule sizini kodwa angcono endaweni ka-11 ngenxa yokuthi awakalilandi futhi nasenethini okuwabeka emaphuzwini amathathu.
Omunye ubengalindela ubungozi kwiChiefs, aze ayifanise nenkunzi elindelwe wukulwela ukubuyisa isithunzi ngokuvikela isibaya sayo kodwa lutho kumqeqeshi waMaZulu, uMartin, oteketiswa ngelikaCijimpi.
“Iqiniso wukuthi anginandaba nokuthi imi kanjani iKaizer Chiefs. Okusemqoka wukulungisa elami iqembu,” kusho uMartin.
“Yonke imidlalo kule ligi ihambisana nengcindezi ngoba unqoba umdlalo owodwa, unyukele esixhantini esiphezulu se-Top 8, uhlulwe kowodwa, wehlele ngezansi kwabhekene nezembe.
“Asikunakile nhlobo okwenzeka kwiKaizer Chiefs, yize phela singeke singayibuki imidlalo yabo. Siyabazi ngokunjalo namarekhodi abo angamasizini edlule.”
Ukungabi nandaba nokwenzeka kwiChiefs kukaMartin, akusho ukungayihloniphi nokungawazi umlando wayo omuhle.
Lokhu kwenza umdlalo nayo awuhlelele ngenye indlela ezohluka kunale enze ngayo, ebambana ngo 0-0 neRoyal Am, SuperSport United neRichards FC kweyedlule.
“Yebo, kuzoba ngumdlalo ohlukile kunale esisayidlalile ngenxa yomlando weqembu, ngenxa yomthamo wabalandeli enkundleni nangenxa yokuthi sidlala nelinye lamaqembu amakhulu, okufanele engabe lilwela izinto ezinkulu,” kusho umqeqeshi odabuka eSpain.
“Kuzocishe kufane nokweSuperSport. Kuzophoqa ukuthi siye kulo mdlalo ngokuzethemba kokuthi singahlula noma yiziphi izimbangi kule ligi.”