MTHOKOZISI MNCUSENI
TS Galaxy (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 0
IKAIZER Chiefs ibuyele kwamhlaba ihluleka wukuqoqa amaphuzu agcwele kwi-TS Galaxy ebidlala ingasaphelele koweDStv Premiership, eMbombela Stadium, eNelspruit ngeSonto ntambama.
Umdlalo uphele ngo 0-0 yize iGalaxy idlale isikhathi eside ingasaphelel emuva kwekhadi elibomvu elitholwe nguMarks Munyai.
Amaqembu ahlangane eshayela phezulu ngokwehlukana.
IChiefs ibuya ekuvuthuleni iRoyal AM kanti iTS isanda kuququda iLamontville Golden Arrows.
Umdlalo ubuzoqala ngo-3.30 kodwa ngenxa yabalandeli abebesagcwele ngaphandle, kwaba ngu-4.
Ugcine uqale ngelikhulu isasasa umdlalo ikakhulukazi kubalandeli beChiefs abebephume ngezinkani njengenjwayelo.
Nakuba umfutho ubuphezulu kubalandeli kodwa enkundleni bekungeyona into efanayo kwazise imizuzu yokuqala engu-10 ize yaphela kungekho minyakazo ethusayo etheni nhlangothi zombili.
Ngoka-11, uKeagan Dolly, ucishe wabeka Amakhosi ebuhleni kodwa wagezwa nguVasilije Kolak, obevimbele amaRockets.
Ngaphandle kokuthwalisana kanzima ikakhulukazi esiswini, lapho bekugqame khona, uBernard Parker, lo mdlalo uye ngokuya wehla usuyela maphakathi nesiwombe sokuqala.
Kushintshe konke kulimala uCaleb Bimenyimana ebhekene noMunyai, okhishwe ngekhadi elibomvu.
Indawo kaBimenyimana obengeke esakwazi ukuqhubeka, ithathwe nguCristian Saile Basomboli, ongene kwachwaza inkundla.
Njengoba bekulindelekile lokhu kungena komgadli omusha, kuyikhuphulele ukuzethemba iChiefs ebisingena ilandelela ezintini zikaKolak.
Kuphinde kwaba nesixakaxaka nokubambana ngamawashingi kungqubuzana ngamakhanda uPogiso Sanoka noSiyabonga Ngezana okugcine kungabanga namthelela otheni.
Usindile nokho uSanoka olakeni lukanondweba yize kunguNgezana obeqale uthuthuva.