OWAYENGUNOZINTI weKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uWade du Plessis, ukholwa wukuthi iChiefs iyamdinga unozinti osezingeni eliphezulu ozokwazi ukushubisa umbango wejezi phezu kokuba isanda kwelula izinkontileka zabanye onozinti bayo.
IChiefs isanda kwelula izinkontileka zonozinti bayo ababili, uBrandon Petersen noBruce Bvuma, ngeminyaka emibili ngokwehlukana.
Kwelulwa izinkontileka zoPetersen noBvuma nje, abaphathi baleli qembu abakayithi vu eyenkontileka yomunye unozinti wayo osemnkantshubomvu, u-Itumeleng Khune, inkontileka yakhe ephelayo ngoJuni.
Kanti ngakolunye uhlangothi, isalokhu ivela eyokuthi iChiefs imfuna eNaturena unozinti weChippa United, uStanley Nwabali, osanda kwenza ezibukwayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebidlalelwa e-Ivory Coast lapho ebevimbele khona iqembu lesizwe laseNigeria.
“Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi iChiefs iyamdinga unozinti oseqophelweni eliphezulu, ozokwazi ukushubisa umbango wejezi ezintini zaleli qembu osekunesikhashana kwagcina ukwenzeka.
Akukhona ukuthi ngibabukela phansi oBrandon Petersen noBruce Bvuma, cha. Kodwa ngokwami abakabi kuleli zinga lonozinti okungathiwa bayabatshazwa kwiDStv Premiership, abasezingeni lonozinti abanjengoRonwen Williams oyisethenjwa eqenjini lakhe (iMamelodi Sundowns) naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Uyabona, iChiefs eminyakeni edlule yayihlale inonozinti abasezingeni eliphezulu, ababatshazwayo, ngakho-ke iyamdinga unozinti osezingeni eliphezulu,” kusho uDu Plessis. owayengunozinti wokuqina kuMakhosi ngesizini ka-1991 neka-1992 inqoba izicoco.
UPetersen kwelulwa inkontileka yakhe nje, abanye babalandeli baleli qembu basashaya amakhala ngaye ngenxa yamaphutha amaningana asewenzile ezintini selokhu iqalile le sizini ka-2023/2024.
“Ngike ngezwa ukuthi iChiefs iyamfuna lo nozinti weChippa United, uStanley Nwabali. Impela ukuba kuya ngami ngabe iChiefs ayipholisi maseko ngokumsayinisa lo nozinti, engingangabazi ukuthi uma ingathola yena kuyobe ithole unozinti oseqophelweni elifanele, ongakwazi ukufika ashubise umbango wejezi konozinti kwiChiefs.”
Ebuzwa uDu Plessis ngoKhune osamisiwe, uthe: “Ngokwami, u-Itumeleng Khune nakuba engunozinti onamava amakhulu futhi abanye ozakwabo abangonozinti abasamdinga ekubaqiniseni ukhakhayi, iqiniso wukuthi akasekho kuleliya zinga ayekulo phambilini. Okuyingakho-ke iqembu limdinga unozinti osezingeni.”
UKhune (36) okungakacaci ukuthi siphela nini isigwebo sakhe sokumiswa, umiswe yiqembu ngasekuqaleni kukaDisemba nyakenye waphinda waphucwa nebhande lobukaputeni, kulandela ukusabalala kwemibiko yokungaziphathi kahle kwakhe, okukholakala ukuthi wafika endaweni yokuziqeqesha yaleli qembu ephuzile.