Kaizer Chiefs (1) 3
Orlando Pirates (0) 0
IKAIZER Chiefs iyivule ngomphumela oncomekayo isizini yayo yeDStv Diski Challenge ngesikhathi inqoba kwizimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngeSonto ntambama eWits Football Stadium, eGoli.
IPirates ephekwa wuMandla Qhogi, iqale kangcono kodwa akuzange kuphele isikhathi esingakanani ezikaVela Khumalo opheka iChiefs, zaqala zakhombisa ukuthi azizele ukuzodlala kuphela kepha zizowina.
Okusheshe kwagqama ukuthi yize iPirates ibizama ukuliqala emuva ibhola, iChiefs ibingenankinga nokushaya amabhola amade phambili ukwakha amathuba kuSibusiso Milazi obewuhlupho ngejubane ezitobheni zePirates.
Ukuqala umdlalo kweChiefs ngoSabelo Radebe obuye abonakale (esikimini esikhulu sikaStuart Baxter) kubukeke sengathi kuyayisiza ngoba iyona ebingcono maphakathi nenkundla ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
Kucace siqala futhi isiwombe sokuqala ukuthi iPirates iyiqembu elikholelwa ezikhwepheni uma uyiqhathanisa neChiefs yona enabadlali abaningi abancane ngomzimba.
Akuzange kube namthelela lokhu ngoba ngomzuzuka-26, u-Aiden McCarthy ubeke Amakhosi ebuhleni eshaya igoli elihle ngekhanda kade kuyikhona.
Leli goli lingena nje, iPirates iyona ebikade inamathuba amahle futhi kungathi izolithola igoli kugqame, uBoitumelo Radiopane naye oke wabonakala esikimi esikhulu seZimnyama.
Ukungena kwegoli kuyenze yanyukelwa ukuzethemba iChiefs eqhubekile yathola amathuba amahle ngoMilazi noRadebe ngemizuzu yokugcina yesiwombe sokuqala.
Nakwesesibili, umdlalo ubusagxile maphakathi nenkundla kodwa iPirates iyona ebisikhombisa izimpawu zokubonana kangcono.
Lokhu kuvulele uKeagan Mitchell wePirates ithuba lokuziveza akhela noRadiopane amathuba amahle njengoba kwenzekile umdlalo unehora edosheni, lo mgadli eshaya ipali.
Kube uRadebe ocisha yonke leyo minyakazo yePirates ngegoli lesibili leChiefs ngomzuzu ka-65.
Leli goli lenze iChiefs yavuka futhi njengoba bese kuyiyona futhi ecanasayo kwazise noMitchell ubesekhishiwe kwiPirates.
Isipikili sokugcina sishayelwele uKeaviano Francis obebonakala okokuqala ngqa edlubhe umfaniswano waMakhosi kusukela ejoyine leli qembu.
Leli goli, uFrancis ulakhelwe uMilazi obelokhu ewuhlupho kwiBucs.
Bekungokokuqala kusukela ngo-2018, ukuthi iChiefs ishaye iPirates kulo mqhudelwano.
Imiphumela yeDStv Diski Challenge:
AmaZulu 1-1 Lamontville Golden Arrows; Kaizer Chiefs 3-0 Orlando Pirates; Baroka 0-0 Marumo Gallants; Cape Town City 0-0 Stellenbosch; SuperSport United 2-1 Mamelodi Sundowns; Chippa United 2-3 Royal AM; Swallows 2-2 TS Galaxy; Maritzburg United 2-1 Sekhukhune United.