Marumo Gallants (1) 1
Kaizer Chiefs (0) 1
IKAIZER Chiefs iyeke ithuba lokubakela ngasemsileni kwi-log ngesikhathi icazelana ngamaphuzu neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership, ngeSonto ntambama, eRusternburg.
Amagoli ashaywe nguMahlatsi Makudubela eleGallanta, esiwombeni sokuqala. UZitha Kwinika utholele iChiefs elokulinganisa esiwombeni sesibili.
Kuphele umdlalo iGallants ingasaphelele emva kokukhishwa kuka-Olivier Toure, ngekhadi elibomvu esiwombeni sesibili. IChiefs isihleli endaweni ka-14 kwi-log bese ilandelwa yiyo iGallants kunombolo-15.
Emuva kokuthi kufakwane ezinkantolo phakathi kweGallants noMasipala waseLimpopo kubangwa izivumelwano zokusebenzisa iPeter Mokaba Stadium, umdlalo ugcine udlalwa eRoyal Bafokeng Stadium njengoba inqume kanjalo inkantolo yaseLimpopo ngeledlule.
Kwenzeka konke lokhu, kusenefu eligubuzele leli qembu ngokunyamalala komqeqeshi uRomain Fols, okuthiwa usule isigubhukane ekubeni usihlalo weqembu, u-Abram Sello, esho okuhlukile.
Bekuvele kulindelekile ukuthi umdlalo uqale ngesivinini kwazise iGallants iwuqale ingayazi iwini kule sizini, ngesikhathi esifanayo izivakashi zayo bezisaphumelele ukunqoba emibili kuphela kweyisithupha.
Ithuba lokuqala elicacile liwele kuKgaugelo Sekgota, oshaye phezu kwepali okungenani aphoqe ukuthi asebenze unozinti weqembu lasekhaya, u-Ismail Watenga.
Ngesikhathi konke kubukeka kuvuna iChiefs, uMakudubela uxhumane noNdabayithethwa Ndlondlo, lakhala enethini yalandela ngemuva kanjalo iChiefs.
Yize ibisilandela ngemuva iChiefs, lokho akuzange kuyidikibalise kwazise yiyona ebilokhu izama ukufika ezintini zeGallants kugqame, uKeagan Dolly.
Kuze kwayiwa ekhefini ilokhu ithembise njalo iChiefs kodwa lutho ukubhakuzisa inethi kaWatenga.
Ngokubona ukuthi izinto azihambi kahle, umqeqeshi u-Arthur Zwane, ufake induku yakhe entsha uCaleb Bimenyimana, engene neminyakazo ebonakalayo endaweni kaLehlogonolo Matlou.
Njengasesiwombeni sokuqala iChiefs yiyona ebikhombisa izimpawu zokubonana kangcono yize neGallants ibinayo eyayo iminyakazo ethusayo.
Ngomzuzu ka-66, umdlalo ushintshile ngesikhathi uToure, ethola ikhadi lakhe lesibili eliphuzi, ngokudlalisa kabi u-Ashley du Preez.
Lokhu kuphoqe ukuthi iGallants ikhiphe uMakudubela yafaka uTsepo Gumede, ngenhloso yokuvala emuva.
Womabili amaqembu enze izinguquko eziningi ngomzuzu ka-75 kwazise ibisivutha iChiefs, obekuphoqa iGallants ukuthi ikudambise lokhu.
Nakuba kubukeke sengathi ubesemhlabeni ongamfanele, uKwinika ulingenise ngekhanda ngomzuzu ka-84 kade kuyi-freekick ethathwe wuSifiso Hlanti.
Lokhu kwenze iChiefs yavuka indlobane kwazise ibisifika kulandelana ezintini zikaWatenga kodwa umdlalo uze waphela ingazange ilithole igoli lokuwina.