AmaZulu FC (1) 1
Kaizer Chiefs (1) 1
I-KAIZER Chiefs naMaZulu FC bashayane baze babukana emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Inkundla ivulwe ngu-Ashley du Preez kusadlalwe imizuzu emibili umdlalo oqaleli.
UVictor Letsoalo ushaye eloSuthu lokulinganisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini. Ngalo mphumela iChiefs isabambele endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu awu-35, alingana nawePolokwane City ehleli endaweni yesishiyagalolunye. Sekuzomele izame emidlalweni emibili eyisalele nayo iCity neCape Town Spurs ukuqinisekisa ukuthi ayisaphumi kulo mdibi wamaqembu anethuba lokudlala iMTN8 ngesizini ezayo.
Bebengakahlali phansi abalandeli ngesikhathi AmaZulu epha uDu Preez igoli elilula ngomzuzu wesibili.
Kube iphutha likaCelimpilo Ngema, obeyolanda ibhola emuva wase eliphasela lo mgadli weChiefs obeshaya igoli lakhe lesine kule sizini.
Ukungena kwaleli goli ngokushesha kuphoqe AmaZulu ukuba awukhuphule umdlalo kwazise konke abekuhlelile bese kuvele kunyomfekile.
Lokhu kwenze umdlalo washisa bakuthokozela nabalandeli abebephumile, abeChiefs bathole nethuba lokubona u-Itumeleng Khune obesebhentshini okokuqala kusukela ukuqondiswa kwakhe ubugwegwe nyakenye.
Maphakathi nalesi siwombe Usuthu luphoqelekile ukukhipha uRamahlwe Mphahlele, obekhala ngobuhlungu ezimbanjeni indawo yakhe yathathwa uMbongeni Gumede.
Ucishe wanethezekisa iChiefs uMduduzi Shabalala ngeshodi alidedele ngomzuzu ka-36 limdlile, uVeli Mothwa, obevimbele iqembu lasekhaya kodwa lashaya ipali labuyela enkundleni.
Kudlule imizuzu emithathu walinganisa uLetsoalo kulandela ibhola elihle lika-Augustine Mulenga, obekade eqalile ezama ukubhobosa udonga lwasemuva lweChiefs.
Nasesiwombeni sesibili umdlalo ubungacaci ukuthi uya ngakuphi kwazise womabili amaqembu abeshintshana ngokuphatha ibhola nangeminyakazo.
Ngokubona ukuthi seliseduze ikhadi elibomvu ku-Abbukaber Mobara, uPablo Franco Martin opheka Usuthu umkhiphile wafaka uMlondi Mbanjwa, endaweni yakhe.
Nebamba lomqeqeshi kwiChiefs, uCavin Johnson, liphendule ngokufaka, u-Edson Castillo noChrisitian Saile ezindaweni zoShabalala noRanga Chivaviro.
Akukho minyakazo etheni efike nalezi zinguquko kwaze kwaba inkundla iphaphanyiswa ukufakwa kukaMfundo Vilakazi, othathe indawo kaSibongiseni Mthethwa ngomzuzu ka-75.
Womabili la maqembu ikakhukazi elasekhaya azamile ukubhukula ngemizuzu yokugcina kodwa agcina ngokucazelana ngamaphuzu.