Kaizer Chiefs (1) 2
AmaZulu FC (1) 2
IKaizer Chiefs iqhubekile nokuphula izinhliziyo zabalandeli bayo icazelana ngamaphuzu naMaZulu emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesibili ebusuku.
Womabili amagoli eChiefs abe wumkhonto ogwaze ekhaya kaRamahlwe Mphahlele nonozinti, uRichard Ofori, esiwombeni ngasinye. AwaMaZulu ashaywe nguTshepang Moremi esiwombeni sokuqala no-Elmo Kambindu ngesesibili.
IChiefs ingene enkundleni ibheke ukukhiphela isibhongo Osuthwini kulandela isibhaxu esithole kwi-Orlando Pirates kowabakhaya baseSoweto ngempelasonto edlule. Kunalokho, iqhubekile nokwengeza ubuhlungu ezinhliziyweni zabalandeli ababheke ukuthi iqembu labo libuyele ezingeni leminyaka edlule, liwine izindebe.
Enkundleni, iChiefs iqale kahle ihlasela iphindelela futhi iwuphethe umdlalo. Ngomzuzu ka-18, uMphahlele ushayisane no-Ofori bezama ukuchiliza ibhola eligotshwe nguReeve Frosler kodwa lagcina enethini. Bebexinwe ngumgadli weChiefs, uTashreeq Morris. Nokho emuva kwemizuzu eyisihlanu, udonga lwasemuva lweChiefs lukhombise ubuthaka, wagqashula uMoremi waqobela phakathi ibhola likaRowen Human.
Amaphutha odongeni lwasemuva aphinde agqama ngesiwombe sesibili. UKambindu ushayele AmaZulu igoli lesibili ngomzuzu ka-60, engqofela phakathi ikhona eshaywe nguHuman.
Ngemuva komzuzu, uPule Mmodi uhlulwe yithuba lokushaya igoli lokulinganisa eselalise phansi abadlali basemuva no-Ofori.
Nokho akuphelanga mizuzu mingaki, u-Ofori walifaka enethini yakhe ibhola ebelingqofwe nguLipepo.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngomdlalo weNedbank Cup Last 16 neChippa United ngoFebhuwar 15. Usuthu olwenyukele endaweni yesikhombisa ngokuthola iphuzu koweChiefs, luzobuyela enkundleni ngomdlalo wasekhaya neMarumo Gallants ngoLwesihlanu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.