Kaizer Chiefs (0) 0
Milford FC (0) 0
IMilford inqobe ngo 5-4 kumaphenathi
I-KAIZER Chiefs izifake ehlazweni ngesikhathi iwashiswa ijezi yiMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup ngeSonto ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
Bonke abadlali beMilford, uChristopher Mbhele, Bulelani Segomoshe, Phakamani Ngxongo, Olwethu Cele nonozinti, uSiphamandla Hleza, bawashaye phakathi amaphenathi abo kulo mdlalo abawuqede bengasaphelele kulandela ukukhishwa kukaVusimuzi Mthabela ngekhadi elibomvu.
Kube u-Edson Castillo ushwebe eyakhe kwiChiefs, bawashaya phakathi, uYusuf Maart, Ranga Chivaviro, Ashley du Preez noDillon Solomons.
Kuze kufikwa kumaphenathi nje, umdlalo uze wafika esikhathini esengaziwe zibambene ngo 0-0.
IChiefs ayiqali ukuwashiswa ijezi iqembu elidlala ngaphansi kwalo kulo mqhudelwano. Ngo-2011, yakhishwa iBaroka kuma-quarterfinal eyayisadlala ku-Safa ABC Motsepe League. Ngo-19, yahlulwa iTS Galaxy kowamanqamu, ngaleso sikhathi iThe Rockets yayigijima esigabeni sesibili, iMotsepe Foundation Championship.
Ngaphambi kokuqala komdlalo, uXanti Pupuma, owudokotela aphinde abe usihlalo nenhloko yabaqeqeshi kwiMilford, uthe akubanga nzima kangako ukukhuthaza abadlali bakhe ngalo mdlalo.
Nakuba kunjalo kodwa bekufanele zithi ziya emzuzwini wesihlanu iChiefs ibe isihamba phambili ngethuba elitholwe, uDu Preez, umdlalo usanda kuqala.
Akuthathanga isikhathi esingakanani ukuthi iChiefs ikhombise ukuthi isekhaya futhi iyona iqembu elinomlando wokudla iNedbank amahlandla amaningi kunawo wonke ebholeni laseNingizimu Afrika.
Size saphela nokho isiwombe sokuqala somdlalo kulokhu kuthembisa kodwa lutho Amakhosi ukubhakuzisa inethi.
Liyekwe uCastillo ithuba lokuqala leChiefs ngomzuzu wokuqala wesiwombe sesibili kulandela ibhola elihle ebeligotshwe uHappy Mashiane.
Lokhu bese kwenza idlanzana labalandeli beChiefs ebelihambele lo mdlalo ukuthi liqale lizwakalise ukungenami ngamathuba abelokhu eyekwa iqembu lasekhaya kulandelana.
Belilokhu liya ngokunyuka igiya kwiChiefs futhi kubukeka izolithola noma yinini igoli.
Bekumele kube u-1-0 ngomzuzu ka-60 kodwa wahluleka ukubeka iChiefs ebuhleni, uMduduzi Tshabalala noDu Preez ngokwahlukana.
Ngokubona ukuthi laba abakhona abamenzeli umsebenzi, umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson ufake uPule Mmodi, Chivaviro noMfundo Vilakazi, obebonakala okokuqala esikimini esikhulu.
Kube sengathi lezi zinguquko ziyinika izimpiko iChiefs kodwa nalokhu kube okwesikhashana. Obese kuqala nokucaca ukulahla ithemba kwabanye babadlali beChiefs sebezama nokukhahlela ipali bekude.
Ayizange iyeke nokho ukuzama iChiefs kwaze kwavela nethuba kuChivaviro ophinde wagezwa unozinti weMilford uHleza. Umdlalo uze wadlulela esikhathini esengeziwe ngemuva kwemizuzu engu-90.
UChivaviro utholele iChiefs iphenathi ethathwe uyena lo mgadli wayibeka ezandleni kuHleza.
Umdlalo uhambe waze wafika emaphenathini, uMthabela ebesekhishwe ngekhadi elibomvu okungazange kube namehluko nokho.