I-KAIZER Chiefs isilinde izicelo ngomdlali osemncane, u-Omega Mdaka, ongomunye wabaxoshelwe ubuhlongandlebe kuleli qembu.
IChiefs inqamule inkontileka kaMdaka nozakwabo uPuso Dithejane abebedlala eqenjini leDStv Diski Challenge. UDithejane usethathwe yiTS Galaxy kaTim Sukazi.
Ukuxoshwa kwalaba badlali kusukela ecaleni lokwenqaba ukuwenza umsebenzi wabafana abalanda ibhola (ball boys) emdlalweni weCarling Black Label Knockout weChiefs naMaZulu emasontweni adlule.
Abanye abadlali abathintekayo okungunozinti uLungile Nkosi, Donnay Jansen, Siyabonga Gumede noNtandoyenkosi Nkosi bamisiwe eqenjini.
Umsebenzi wokuba ngama-ball boys, iChiefs ijwayele ukuwunika abadlali bezigaba ezingaphansi. Nokho koweCarling ivinjelwe wumthetho walaba baxhasi abanqume ukuthi kube ngabadlali abaneminyaka engu-18 kuya phezulu.
Ngokusho komthombo, uDithejane unomlando omude wokungaziphathi kahle. Kuvele ukuthi iChiefs ifuna imali enguR1.5 million ngoMdaka nangoDithejane ngamunye.
"UPuso kukaningi kubizwa abazali bakhe e-Village (eNaturena) ngenxa yokuhlupha kwakhe. Kunezigameko abekhona kuzona ebezingamfaka ejele kodwa iqembu lamvikela. Okudine kakhulu iqembu wukuthi laba bafana beyise usihlalo, baphikisana nomyalelo wakhe, bakhuluma amagama ayiziswana. Angazi ukuthi bazibona ukuthi bayini. Ngesikhathi seCovid 19 abantu abasebenza ngaphakathi eqenjini kade bengama-ball boys," kusho umthombo.
UMdaka, oyibamba emuva kwesokunxele noDithejane odlala emuva kwesokudla ojoyine iChiefs esuka kwiSchool of Excellence, bangabanye babadlali obekubhekwe lukhulu kubona eNaturena. Bobabili badlalela iqembu lesizwe lika-Under 20 ngaphansi komqeqeshi uVela Khumalo opheka iqembu leDiski kwiChiefs.
UKhumalo uthe kuphelile ngephupho labo lokuwina iligi yeDiski kule sizini.
“Sekufanele siqale phansi sakhe kabusha iqembu. Benginesiqiniseko sokuthi sizoyiwina iligi ngeqembu ebesinalo. Kodwa ke enkulisa akwakhiwa iqembu, kukhuliswa abadlali. Nginethemba lokuthi lizoqhamuka iqembu noma inkulisa ezothi iyamfuna uMdaka,” kusho uKhumalo.
Nakuba uDithejane nabanye abadlali bengabonakalanga eqenjini leDiski emidlalweni emibili yakamuva kodwa alikahlulwa. Lishaye iLamontville Golden Arrows eThekwini, ladlala ngokulingana neRichards Bay FC ngempelasonto edlule.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, wenqabile ukuphawula ngendaba kaMdaka noDithejane.
"UPuso usesayiniswe ngelinye iqembu, ngakho imibuzo ayibheke kulona. Mayelana no-Omega, uma kukhona esifisa ukukwenekela uphakathi sizokwenza lokho."
KwiGalaxy, akukacaci ukuthi uDithejane uzodlala esikimini esikhulu noma kweseDiski Challenge esiqeqeshwa yinkakha, u-Ashley Makhanya. Uma ezodlala esikimini esikhulu uzobanga indawo nomakadebona uMarks Munyai noThato Khiba owayedlala eqenjini leDiski leChiefs eminyakeni edlule.