Polokwane City (0)0
Kaizer Chiefs (0)1
IKAIZER Chiefs inyuse ithemba ngokubuya kwezinsuku zenjabulo eNaturena ngesikhathi yehlula iPolokwane City emdlalweni weDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leChiefs lishaywe nguPule Mmodi esiwombeni sesibili, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele.
IChiefs ingene enkundleni ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wokuqoqa amaphuzu kulandela ukwehlula iMoroka Swallows emdlalweni weligi wakamuva. Bekuwumdlalo wesibili ingangenelwa yigoli emidlalweni ilandelana okuyinto engasajwayelekile ePhefeni. Umqeqeshi, uCavin Johnson, ubuyise isikimu esiqale umdlalo behlula iSwallows. Ukuzimisela kwabadlali, ikakhuluzi emuva kokungena kwegoli, akubuzwa ukuthi kuzobuyisa ithemba lezinto ezinhle kubalandeli baMakhosi.
IPolokwane kade ibheke ukukhipha ibhadi lokungawini emidlalweni yakamuva. IRise And Shine, eyiqale kahle isizini, idlale neChiefs ikade yagcina ukuwina ngo-Okthoba ngesikhathi ixebula iSuperSport United ngo 4-1. Emidlalweni eyisihlanu emuva kwalokho, ihlulwe kwemibili, yadlala ngokulingana kwemithathu. Ukukhala ngaphansi kwiChiefs kusho ukuthi ayiyazi iwini emidlalweni eyisithupha yakamuva.
Enkundleni, iPolokwane iyona iqale umdlalo kangcono kunaMakhosi nakuba bekunzima kuyona ukungena ebhokisini. Umgadli weRise And Shine, uDouglas Mapfumo ubuze kuqala epalini likaBruce Bvuma kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwepali. Ngomzuzu ka-15, uBvuma uchithele phezu kwepali ibhola ebelingqofwe nguMapfumo ebeligotshwe ngakwesokudla. Emuva kwalokhu, iChiefs ibukeke ivuka emaqandeni, yahlasela. Nokho ibihluleka uma isifike phambili. UChristian Saile uyitholile intuba ngomzuzu ka-28 kodwa ibhola lakhe laqonda kunozinti uManuel Sapunga.
Esiwombeni sesibili, iChiefs ibuye yahlasela kuqala kodwa ibihluleka ukuphasela kahle uma isifike phambili. Ngomzuzu ka-51, uMmodi ushayele iChiefs igoli engaphandle kwebhokisi ngemuva kwebhola alithathe ngakulayini wangena nalo ngaphakathi. Emuva kwaleli goli, iChiefs iqhubekile nokufaka ingcindezi kwiPolokwane. Nokho kade singelaphekile isifo sokuhluleka uma isifike phambili.
Emdlalweni olandelayo weligi, iChiefs izokwamukela iRichards Bay eFNB Stadium ngoDisemba 23. Ngosuku olufanayo, iPolokwane iyozama amaphuzu kwiChippa United eBhayi.