KUBUKEKA iKaizer Chiefs ingazimisele ngokupholisa amaseko ngokuqinisa iqembu layo ukulungiselela isizini ezayo njengoba sanda isibalo sabadlali okuvela ukuthi izimisele ngokubasayinisa.
Ngaphandle komgadli weMarumo Gallants, uRanga Chivaviro, okuthiwa imbanga namaqembu aphesheya namanye amahlanu akuleli, sekuvele namagama ezinsika zezinkunzi zaseTanzania, iSimba neYoung Africans.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi iChiefs isezithendeni zikaMohamed Hussein (27) oyisitobha kwiSimba nomgadli weYoung Africans, uFiston Kalala Mayele (28) odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC).
Ngokusho komthombo, leli qembu likaKaizer Motaung liqale ukulandela uHussein ezinyangeni ezedlule ngesikhathi iSimba kubonakala ukuthi isembangweni weTanzanian Premier League.
Kuvela nokuthi iphinde yachazwa irekhodi lakhe elihle. Udlala ohlangothini lwesobunxela emuva. Kwiligi yaseTanzania usenqobe kathathu umklomelo weBest Defender of the Season nowePlayer of the Season kabili.
Ngaphandle kokuba ukaputeni weSimba uphinde ibhande aligqoke naseqenjini lesizwe. Inkontileka yakhe neSimba iphelile njengoba kuvalwe isizini.
"Ngikhuluma nawe nje, sekuphele amasonto amabili imininingwane yokudlala kaHussein ikwiChiefs. Kubukeka izimisele ngaye. Abaphathi bezindaba zakhe bayitshelile ukuthi ayisheshise ngoba iSimba ifuna ukuyivuselala inkontileka yakhe. Ngaphezu kwalokho, uHussein uyinyama kumaqembu ase-Afrika. Ufunwa nayi-Al Hilal ne-Al-Merrick baseSudan. Kukhona ne-Al Ittihad yase-Egypt," kusho umthombo.
Omunye umthombo ozazi zonke, uveze ukuthi Amakhosi aqale ukuchazeka ngoMayele embona enza izimanga kwiCaf Confederation Cup.
Emidlalweni ewu-12 yalo mqhudelwano, useshaye amagoli ayisithupha, wakhanda namathathu. Kwiligi yaseTanzania, unamagoli awu-13 emidlalweni ewu-16. Usenalo ithuba lokwenyusa isibalo njengoba kusasele imidlalo emibili.
Lo mdlali waseMbuji Mayi, eDRC, ulime indima enkulu ekuthini iYanga inqobe isicoco seligi.
Kuthiwa emasontweni edlule, ngemuva kokuthi edlale ingcwenga yebhola, iYanga iwashisa iMarumo Gallants, ijezi kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano, kufike kuqala iMamelodi Sundowns lapho obekulele khona leli qembu.
Umthombo uthe osekunika iChiefs ithuba lokusayinisa lo mdlali ukungavumelani kwabathile ngaye eChloorkop.
"NgoMsombuluko, ithimba labaqeqeshi belinomhlangano obumayelana nokucwaninga isizini edlule nokuhlelela ezayo. Phakathi kwako bekudingidwa nodaba lwabadlali abazosayiniswa. Ithimba labaqeqeshi selisihambisile isicelo kusihlalo weqembu sabadlali elibafuna ukubasayinisa. Amagama kaMayele noHussein akhona. Kulindeleke ukuthi uMotaung abaphendule ngoLwesine," kubeka umthombo.
Nakuba u-Arafat A Haji oyiphini likamengameli kwiYoung Africans, engathandanga ukwanda, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ezinsukwini ezedlule ukuthi iChiefs ike yabathinta ngoMayele. Uthe yingakho nabo bebefuna uChivaviro ngoba kubacacela ukuthi uMayele usendleleni.
Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, ithintiwe ngaloku daba kodwa ibingakaphenduli nemiyalezo ethunyelelwe yona.
Kufanele wukuthi ngeke kubamangaze abalandeli beChiefs ukuzwa ukuthi imatasa emakethe ngemuva kokushaya into ephansi kwisizini ka-2022/2023. Leli qembu eminyakeni eledlule ebelaziwa ngokunqoba izicoco, sekuphele amasizini ayisishiyagalombili linganqobi lutho.
Kwiligi liqede endaweni yesihlanu, lishaya ngerekhodi lokwehlulwa imidlalo engu-12 kwengu-30 yeligi. Indlela iChiefs ebhacaze ngayo, abadlali bayo ababonwa embangweni wemiklomelo yePremier Soccer League kuyona yonke imiqhudelwano. KwiBafana Bafana abekho ababiziwe njengoba iqembu lizodlala eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations neMorocco ngenyanga ezayo.
NgoJanuwari, iChiefs isayinise izitobha, uThatayoane Ditlhokwe obedlala kwiSuperSport United noGiven Msimango obekwiTS Galaxy.
Kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi ke ukuthi iChiefs iyabathola yini laba abanye abadlali ebagaqele, ikakhulukazi njengoba umqeqeshi u-Arthur Zwane ecashunwe i-SABC Sport ethi amaqembu ahlezi ekwenza kube nzima ukuthi bathole abadlali.