UNOKHWANTALALA olusha umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, obambe umoya ngezitobha ezimbili ezilimale zashiya umdlalo weDStv Premiership phakathi, ngesikhathi ezakhe zehlula iRoyal AM ngo-2-0 ngeSonto.
Labo badlali nguReeve Frosler noDillan Solomons, abangawuqedanga umdlalo wangeSonto, ngenxa yokulimala.
USolomons ungene endaweni kaFrosler ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala, kodwa naye wagcina ephumile sekuyophela esesibili.
“Kungenzeka ukuthi uFrosler uphuke ithambo ebusweni, kanti uSolomons ulimele ehlombe. Sisazothola ulwazi oluthe xaxa ethimbeni lodokotela. Kungenzeka bangadlali isikhashana," kusho uZwane.
“Sineshwa lokulinyalelwa ngabadlali abamqoka ngesikhathi sibadinga kakhulu, noma uma sesiqala ukuthola umgqigqo omuhle. Asikhonondi ngoba ukulimala kuyingxenye yomdlalo.
“Okukhathazayo wukulahlekelwa ngabadlali ababili abamqoka ohlangothini lwakwesokudla emuva, kodwa njengabaqeqeshi kuzomele siqhamuke necebo ngoba sineqembu elihle kakhulu esilihlanganisele kule sizini.”