IKAIZER Chiefs isizibeke engcupheni yokufica irekhodi leChippa United ehamba yodwa ngokushintsha abaqeqeshi esigabeni esiphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
Ekuqaleni kwesonto Amakhosi amemezele uCavin Johnson njengomqeqeshi omusha, ozobamba emuva kokukhomba indlela uMolefi Ntseki obephikwa yimiphumela.
Emidlalweni engu-13 ayihlale ebhetshini leChiefs emuva kokugudluzwa kuka-Arthur Zwane okunguyena okuqale unyaka eqhoqhobele izintambo, uNtseki uwine emine, wadlala ngokulingana kwemithathu, wahlulwa kweyisithupha.
Ukwehluleka ukuwina imidlalo kwakhe kucike abalandeli abamshaye amahlandla amathathu ezinkundleni ezahlukene. Ngesikhathi eqashwa ekuqaleni kwesizini ephezulu, abalandeli babeshaya amakhala ngaye, bezibuza ukuthi uqashwe ngaliphi ngoba akanawo amagalelo okuqeqesha esigabeni esiphezulu.
Abaphathi banqume ukunika ithuba uJohnson, obeyiHead of Youth Development Academy kuleli qembu. UJohnson, oqeqeshe emaqenjini amaningi eMzansi, ungumqeqeshi wesishiyagalombili eminyakeni eyisihlanu kwiChiefs.
Kusukela ngo-2018, ebhentshini leChiefs sekuhlale uSteve Komphela oxoshwe ngo-Ephreli 21, 2018.
Ulandelwe nguGiovanni Solinas wase-Italy okhonjwe indlela ngoDisemba 7, 2018. Ngalolu suku Amakhosi amemezela ukubuya kuka-Ernst Middendorp kodwa waxoshwa ngoSepthemba 9, 2020.
Indawo kaMiddendorp yathathwa nguGavin Hunt ogcine ekhonjwe afika ngayo ngoMeyi 28, 2021. UStuart Baxter unikwe ithuba kodwa waxoshwa engakawuqedi unyaka, ngo-Ephreli 21, 2022.
Abaphathi beChiefs baqoke ukunika ithuba uZwane ogcine egudluzwe ngoJuni 28, 2023, kwathatha uNtseki. Ukuqashwa kukaJohnson kwenyuse isibalo safinyelela kwabayisishiyagalombili abaqeqeshi abaqashwe yiChiefs eminyakeni eyisihlanu. Kulaba baqeqeshi akekho noyedwa oqede inkontileka.
Kubona bonke kuphele ‘itoho’ ngenxa yokuhluleka ukuwina izindebe ezagcina ukubhiyozelwa eNaturena kusaqeqesha uBaxter ngo-2015. Ukushintsha abaqeqeshi ngalolu hlobo akujwayelekile kwiChiefs kwazise iningi labafike phambilini bayiwinele izicoco. Ngokupheka ethulula Amakhosi, asebheke ekuficeni irekhodi leChippa lokushintsha abaqeqeshi abathathu ngonyaka.
IChilli Boys iphethe irekhodi lokushintsha abaqeqeshi abane ngonyaka eyaliqopha ngo-2012. Leli rekhodi lifaka phakathi uManqoba Mngqithi (9 Julayi 2012 - 20 Agasti 2012), Julius Dube (23 Agasti 2012 - 12 Septhemba 2012), Roger Sikhakhane (13 Septhemba 2012 - 28 Okthoba 2012) noFarouk Abrahams (28 Okthoba 2012 - 29 Januwari 2013).
Ngokuxosha uNtseki nokuqasha uJohnson, iChiefs isiyalingana neChippa ngokushintsha abaqeqeshi abathathu ngonyaka okuyirekhodi lesibili leChippa lokupheka ithulula elibeke ngo-2013. Ngalo nyaka iChilli Boys iqashe uWilfred Mugeyi (29 Januwari 2013 - 11 Ephreli 2013), Mark Harrison (12 Ephreli 2013 - 7 Okthoba 2013) no-Ian Palmer (8 Okthoba 2013 - 27 Januwari 2014).
Nonyaka ebhentshini laMakhosi sekuhlezi umqeqeshi wesithathu. Unyaka uqale kuhlezi uZwane (26 Meyi 2022 - 28 Juni 2023), kwalandela uNtseki (28 Juni 2023 - 23 Okthoba 2023), njengoba sekuqashwe uJohnson (23 Okthoba 2023).
Uma izinto zingashintshi ngaphansi kukaJohnson, kungenzeka akhonjwe indlela ungakapheli unyaka u-2023. Lokhu kungasho ukuthi iChiefs isibambene neChippa ngerekhodi lokushintsha abaqeqeshi abaningi ngonyaka.
Akubuzwa ukuthi abaphathi beChiefs bathandazela ukuthi iqembu liqale ukuwina imidlalo ukuze kuzokwehla ingcindezi nakubadlali.
UJohnson uzohlala ebhentshini laMakhosi okokuqala uma esevakashela iLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ntambama.