UKUNGADAMBI kweCovid-19 emazweni amaningi sekuphoqe iConfederation of African Football (Caf) ukuthi ihlehlise imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba obekumele iqale ngoJuni.
Sikhishwe ngoLwesine isitatimende esiqinisekisa lezi zindaba.
"Ikomidi leCaf lezimo eziphhthumayo ngokuxhumana neFifa selinqume ukuhlehlisa imidlalo yokuhlungela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar obekumele iqale ngoJuni. Lokhu kungemuva kokubheka ngokubanzi izinselelo eziza neCovid-19 nokuqinisekisa ukuthi izimo zokudlala zivuna bonke abathintekayo," kusho iCaf esitatimendeni.
Imidlalo kuthiwe isizokuba ngamawindi kaSeptemba, Okthoba nelikaNovemba 2021 kanjalo nangoMashi 2022.
"ICaf izosebenza ukulungisa imigomo yayo ehambisana neCovid-19 okuhlanganisa ukuhlolwa ngaphambi kwemidlalo obekube nezingqinamba kumawindi edlule," siphetha kanje lesi sitatimende.
Ukuhlehla kwemidlalo kuzonikeza umqeqeshi omusha weBafana Bafana, uHugo Broos isikhathi esithe xaxa ukubheka abadlali.
Kweyokuhlunga iBafana iqhathwe neZimbabwe, Ethiopia neGhana.