Mamelodi Sundowns (0) 3
AmaZulu FC (0) 0
IMAMELODI Sundowns iqoqe amaphuzu agcwele koweligi okokuqala kulo nyaka kulandela ukunqoba kwayo kuMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku, eLoftus Versfeld, ePitoli.
Kube wumbukiso kaLucas Ribeiro oshaye amagoli amathathu esiwombeni sesibili, onyuse igebe leSundowns esicongweni kwi-log.
Uma ungabalwa umdlalo weSundowns weligi wangoDisemba obhuntshile neMoroka Swallows, nomunye ohlehlile neLamontville Golden Arrows, iqembu likaRhulani Mokwena, lagcina ukuqoqa amaphuzu amathathu ngoDisemba 13, lapho liwina ngo 3-0 kwiCape Town Spurs.
Kwemithathu elandele oweSpurs, iSundowns ibambane neCape Town City (0-0), Polokwane City (0-0) ne-Orlando Pirates ngo 1-1 njengoba isinqoba Osuthwini.
Esikimini esiqale umdlalo, iSundowns ibibuyise abadlali bayo beBafana Bafana abebengekho ngesikhathi leli qembu lidlula ngehubo kwiNB La Masia FC kwiNedbank Cup ngempelasonto edlule.
Ababewuqalile; uRonwen Williams, Tebogo Mokoena, Grant Kekana no-Aubrey Modiba abebese-Ivory Coast neBafana, kwathi izilomo ezingoThemba Zwane, Thembinkosi Lorch noPeter Shalulile zona zaqala ebhentshini.
Nakuba kusheshe kwacaca ukuthi iSundowns iyona ezokhonya ngokuphatha ibhola kodwa AmaZulu abengaxhamazeli futhi engalilahli uma kwenzekile lawela ngakuwona.
Ukuqina kweSundowns uma ihlasela kufakazelwa ukuthi imizuzu yokuqala engu-20 ithe iyophela, izitobha zoSuthu, uMbongeni Gumede noTaariq Fielies, base besemabhukwini kanondweba.
Yize ukuhleleka kwaMaZulu emuva nokungalilahli kwawo bekuncomeka kodwa lokhu bekwenza iSundowns izicanasele ngokungena ebhokisini lika-Olwethu Mzimela obevimbele izivakashi.
Ithuba elihle lekhanda laMaZulu elitholwe u-Augustine Kwem ngomzuzu ka-26, bekumele lisebenze kwazise ubengamakwe muntu kade kuyikhona. Alikho elinye ithuba elitheni elivelile emuva kwalo kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Zibuya ngakho kodwa (ekhefini), uRibeiro ushaye igoli lakhe lesishiyagalombili kule sizini ebeka zakhe phambili ngoka-48 kulandela umsebenzi omuhle kaGaston Sirino.
Ngoka-57, ubuyile lo mgadli waseBrazil eshaya igoli lakhe lesibili ebese limbeka yedwa esicongweni embangweni wesicathulo segolide, kulokhu wuLebohang Maboe ovuse inyamazane.
Ngokuhamba kwesikhathi, bobabili abaqeqeshi benze izinguquko ngokwahlukana kodwa kuphinde kwaba uRibeiro oshayela isipikili sokugcina ngegoli lesithathu ngomzuzu ka-78. Le wini ivula igebe leSundowns libe ngamaphuzu angu-12 eqenjini elingemuva kwayo kwi-log.