LIDLULE kunzima iqembu lesizwe lakuleli ngesikhathi livunwa wumphumela womdlalo wokugcina weGroup C kuma-quarterfinal e-Africa Cup of Nations ka-Under 17.
IBurkina Faso ibuye isilandela ngemuva yahlula iCameroon ngo 2-1 ngeSonto ebusuku, okuholele ekutheni i-Indomitable Lions ingangeni kweyomkhumulajezi, kwadlula Amajimbos.
IBurkina Faso neCameroon bangene emdlalweni besengcupheni ngenxa yokuthi bobabili bese belahle amaphuzu bedliwa yiMali.
Ukunqoba kweBurkina Faso e-Annaba ngeSonto, kusho ukuthi yiyona eqede endaweni yesibili eqoqweni ngamaphuzu amathathu, kwathi iCameroon yaqeda emsileni ngeqanda.
Amajimbos nawo abesenenqanda ngemuva kokucishwa komphumela awuthole edla iZambia ngo 3-2 kwiGroup B.
Lokhu kwenziwe ngenxa yokuthi iGroup C ibinamaqembu amathathu emva kokukhishwa kweSouth Sudan esolwe ngokubophela abadlali abaneminyaka engaphezu kwengu-17.
Into eweze ezikaDuncan Crowie wukuthi zishaye amagoli amaningi kuneCameroon njengoba zihlohle amahlanu, yona yashaya elilodwa.
"Konke kuqale ngaphambi komdlalo weBurkina Faso neCameroon. Sidlale nomqondo wokuthi kumele siwunqobe umdlalo neNigeria ukuze singathembeli kwabanye abantu, njengoba kugcine sekwenzekile izolo," kusho Crowie.
"Izinto zibe nzima ngemuva kokumiswa kweSouth Sudan. Ukube bekungenjalo ngabe sidluliswe wukunqoba kwethu iZambia.
"Noma kunjalo laba bafana nathi sonke sijabule kakhulu futhi siwubheke ngabomvu umdlalo olandelayo neSenegal kuma-quarter-final."
Amajimbos azobhekana neSenegal eNelson Mandela Stadium ngoLwesithathu ngo-6 ntambama.
ISenegal iqhwakele kwiGroup A ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni yayo emithathu. Ihlule iCongo ngo 1-0, yaguqisa osokhaya I-Algeria ngo 3-0, yaxebula iSomalia ngo 3-0.
Amaqembu amane azodlulela kweyandulela owamanqamu azozibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezodlalwa ngoNovemba.
“Uma abadlali bethu bengenamdlandla manje ngeke baphinde bagqugquzeleke ngoba uma benqoba umdlalo olandelayo bazongena eNdebeni yoMhlaba,” uCrowie uqhube kanje.
"ISenegal isayinqobe yonke imidlalo yayo futhi ngihambele emibili kwemithathu asebeyidlalile. Bazoba yiqembu elinzima kunawo wonke esisabhekane nawo kulo mqhudelwano."
IMorocco izodudulana ne-Algeria kwi-quarterfinal yesibili ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku. NgoLwesine, iMali sizotholana phezulu neCongo ngo-6 ntambama, iNigeria ibhekane neBurkina Faso ngo-9 ebusuku.