I-ORLANDO Pirates ibuye namaphuzu amqoka angase ayibeke ethubeni elihle lokudlala emqhudelwaneni weCaf ngesizini ezayo ibhaxabula iSwallows FC ngo 4-1 emdlalweni weDStv Premiership womkhaya bakudala baseSoweto eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ebusuku.
IPirates beyize kulo mdlalo izikhotha amanxeba kulandela ukuguqiswa kwayo yiKaizer Chiefs ngo 1-0 komunye womkhaya baseSoweto ngeledlule.
Kanti iSwallows ibize kulo mdlalo kuthe gidi isibindi ngemuva kokushaya iChippa United ngo 2-1.
IPirates isheshe yacacisa zibekwa nje ebhandeni ukuthi izele ukuzosebenza kulo mdlalo ngenkathi uMonapule Saleng eshaya igoli ngesithende ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile ngemuva kwebhola ebeligotshwe wuTerrence Dzvukamanja.
Empeleni akukho okungako okwenziwe yiSwallows esiwombeni sokuqala njengoba iPirates kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo.
Ngesiwombe sesibili iPirates iqhubeke lapho ebigcine khona ngegoli likaDzvukamanja zibuya nje ekhefini ngomzuzu ka-46 ngemuva kwebhola alibekelwe wuSaleng, obethathe ibhola ebeligotshwe wuThembinkosi Lorch.
Iqhubekile iPirates nokucindezela yagcina ithole elesithathu ngonyawo lukaSaleng obeseshaya igoli lakhe lesibili kulo mdlalo, ngemuva kwebhola ebelibuyiswe uLorch ngasophondweni lwesokunxele.
UMthokozisi Shwabule, ongene ngesiwombe sesibili ushayele iSwallows elokubika ekhaya ngomzuzu ka-76 emuva kwebhola eligotshwe wuKagiso Malinga.
Ngomzuzu ka-90 esikhathini ebesesengezwe wunompempe uSaleng ushayele isipikili sokugcina ebhokisini lomngcwabo weZinyoni eshaya igoli lesine, nobesekuyigoli lakhe lesithathu kulo mdlalo.
Ukushaya into ecokeme kukaSaleng obeyidla luhlaza iSwallows kulo mdlalo , kuphinde kwakhombisa ukuqhubeka kwalo mdlalo nokwenza kahle kwakhe kule sizini njengoba, esekwenze kwaba yinjwayelo ukuhlabana ngomklomelo wokuba ngumdlali ovelele.
Okuqaphelekile esikimini seZimyama ukuqala umdlalo okokuqala kukaMakhehleni Makhaula. Kanti u-Olisah Ndah, ophule izinhliziyo zabalandeli beBucs ngeledlule kowomkhaya baseSoweto eshaya igoli ngakubo, ubengekho nasebhentshini kulo mdlalo.
Lo mphumela eZinyonini usho ukuthi usaqhubeka umshikashika wayo wokuzabalazela ukusuka esishozini sezembe njengoba ihlezi endaweni ka-14 kwi-log yePremiership.
Imidlalo esalele iZinyoni ibukeka ingelula neze njengoba phakathi kwayo isalelwe yiGolden Arrows (ekhaya), AmaZulu (ekuhambeni), iMamelodi Sundowns (ekhaya), yiMaritzburg (ekhaya), iKaizer Chiefs (ekuhambeni) ukubala embalwa.
Ngasohlangothini lweZimnyama lo mphumela unika ithemba ngamathuba azo okuzibekisela indawo emqhudelwaneni weCaf ngokuphela kwesizini uma zingakwazi ukugcina umgqigqo kuze kube ngumdlalo wokugcina njengoba kumanje zihlezi endaweni yesithathu kwi-log ngemuva kancane kweSupersport United endaweni yesibili.