USALE ephuxekile umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lakuleli, uHugo Broos emva kokuthi iBafana Bafana ibukwe yizihlalo e-ngempelasonto, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IBafana ibibhekene neNamibia kowobungani, ogcine uphele zibambene ngo 0-0.
UBroos uveze ukuthi okumdumaze kakhulu wukuthi ngokwakhe iqembu lesizwe lisahamba ngomgqigqo omuhle, okufakazelwa wukungayazi kwalo induku emidlalweni eyisishiyagalombili edlule ilandelana.
Ngenxa yemiphumela yakamuva encomekayo, okukhona kuyona newini koweMorocco (kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations- Afcon), okuyizwe elithathwa njengelinye lanzima e-Afrika, kusobala ukuthi uBroos, bekulindele ukuthi athengwe ubuthaphuthaphu amathikithi alo mdlalo.
Kusobala ukuthi iningi labathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika baqome ukuyibuka kwithelevishini iBafana yize ibibize abadlali abaphambili uLyle Forster, oyiqale kahle isizini eshayela amagoli amabili iBurnley yase-England yize isemsileni we-log.
“Bengilindele izindimbane zabalandeli kulo mdlalo ngoba ngicabanga ukuthi iqembu lenze kahle kule midlalo edlule kodwa kugcine kucaca ukuthi bengizikhohlisa,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.
“Ukube kuya ngami ngabe yonke imidlalo yethu inkundla ihlale igcwele phama. Bengikulindele lokhu kodwa abalandeli abebezosibuka baba bancane kakhulu kunalokhu ebengikucabanga.
“Kungenzeka kodwa nokuthi mhlawumbe nathi kumele siphinde silikhuphule izinga ukuze abalandeli bezoyihambela imidlalo yethu.
“Iqiniso elingenakuphikiswa ukuthi ngeke kubelula ukuthi abalandeli bethu baphume ngobuningi babo, ekubeni singayinqobi imidlalo.
“Kulungile kodwa ngoba bakhona laba abebephumile, ikhona nje ukuthi bengicabanga ukuthi bazoba baningi kunalaba abagcine befikile enkundleni,” kuphetha uBroos.
IBafana iyabuyela kule nkundla kusasa ngowobungani neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngo-5 ntambama.
Sekujwayelekile ukuthi baphume ngobuningi abantu baseDRC abazinze kuleli uma idlala neBafana.
Kusobala ukuthi inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa), kukhona engakwenza kangcono ukumaketha imidlalo yeqembu layo elikhulu, iBafana.