UDALULA ukuthi ucishe wasiyeka isibhakela ngenxa yokugqoza kwezimpi uMarcus" King Labamba" Lebogo, ozozama ukuphuca uPrince "The Demon" Dlomo ibhande likazwelonke leJunior Welterweight empini ekusasa, eCity Hall, eMgungundlovu.
Le mpi ingeyosuku emqhudelwaneni ohlelwa yiMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi. Bese kuphele isikhathi eside abalandeli besibhakela belindele le mpi.
Ize ihlelwe nje, indaba isuke ngo-Okthoba wango-2021, uLebogo waseTembisa, eGauteng, eshaya uSibonelo Ndzimande waKwaZulu-Natal kweyesicoco se-ABU Junior Welterweight eyayihlelwe yiyo iMvelo Promotions.
UDlomo owayethamele le mpi, wadinwa wathelwa ngamanzi.
Wangena eringini wase efaka inselelo kuLebogo. Wathi uLebogo akeze ne-ABU yena uzofaka esitikini elakhe likazwelonke leJunior Welterweight.
Ngemuva kokuthi uLebogo ehlule uNdzimande ulandele ngokushaya uChumani Thunzi, ngoJulayi wango-2022.
Esithangamini sabezindaba ebesiyizolo eMgungundlovu, uLebogo, utshele Isolezwe ukuthi kunesikhathi lapho ecishe wasiyeka isibhakela ngenxa yokungazitholi izimpi.
Ubonge wanconcoza kumqeqeshi wakhe, uDamian Durandt obelokhu emnika ithemba.
Kuzoba ngokwesibili ethola ithuba lokulwela isicoco sikazwelonke. Ngo-2019 wakhala ngaphansi kuXolani Mcotheli wase-Eastern Cape.
"Lezi zinyanga ezedlule zingihlukumeze kakhulu, ngingazitholi izimpi. Kungathi ngiyaphupha njengoba ngizothola ithuba lokuphuca uDlomo leli bhande.
Ngibonga kakhulu kwiMvelo Boxing Promotions. Ngeke ngivume ukuthi uDlomo ame endleleni yami. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi angiwaphindi amaphutha engawenza ngilwa noXolani Mcotheli," kubeka uLebogo, oveze ukuthi sekuphele izinyanga ezimbili elungisela impi ezayo.
UDlomo waseTaylors, KwaGijima khona eMgungundlovu, uthe uzelwe kabusha njengoba eseqeqeshwa uSamsom "Xamukavinjelwa" Ndlovu. Ulaxaze uCharity Mukondeleli.
Kuzobe kungokwesine evikela isicoco sebhande lakuleli leJunior Welterweight.
Empini yangoLwesihlanu kumele uDlomo anqobe noma kanjani kwazise kwagcine ukuyilwa ngoMashi, eRussia, uhlulwe nguKhariton Agrba.
"NgoLwesihlanu abantu bazobona uPrince Dlomo ohlukile. Ngibe nesikhathi esanele sokulungisela le mpi. Ngiyamdabukela uMarcus. Kuzomele azibambe ziqine.
Kuzoba kuye, uma ejime kahle sizofikisana emzuliswaneni wokugcina. Uma entekenteke uzobheka phezulu emizuliswaneni yokuqala," kubeka uDlomo.
Khona esithangamini uMagcaba Shezi uveze ukuthi ngoDisemba bazoqhatha umzala wakhe uThabiso "The Rock" Mchunu.
"SiyiMvelo Boxing Promotions sihlale silwela ukwenza izimpi zezinga eliphezulu. Nyakenye senze ngempumelelo impi yokuvalelisa uMoruti Mthalane.
NgoLwesihlanu sizoqhatha uDlomo noLebogo. Kasizugcina lapho, ngoDisemba sizoqhatha uThe Rock. Ngicela abantu baphume ngobuningi ngoLwesihlanu. Kuzophinde kunandise nabaculi,“ kusho uMagcaba-Shezi.
Impi kaDlomo noLebogo izobhulelwa amazolo ngekaNjabulo Buthelezi ozovikela eleKZN Flyweight kuNkosingiphile Sibisi. Amasango avulwa ngo-5 ntambama. Abiza uR100 amathikithi ajwayelekile, bese eba wuR200 abazohlala eduze kweringi.