IBENFICA isola iChelsea ngoku “hlanyisa” isilomo somdlali wayo, u-Enzo Fernandez ngokuyishaya emuva naphambili ngezifiso nezinhlelo zayo zokuthenga le njini.
UFernandez (21) uchonywe umqhele wokuba ngumdlali osemncane ovelele ukubedlula bonke kwi-2022 Fifa World Cup esongwe ngoDisemba eQatar.
Uphinde wathola nendodo yegolide emuva kokuba behlule iFrance kowamanqamu.
Evuma kwalokho kuvele amaqembu amaningi afisa ukumthenga kwiBenfica, ebeke u-R2 billion ekhanda lakhe.
IChelsea ngelinye lamaqembu akhombisa intshisekelo enkulu kwazise isizifake kwaze kwaba kabili izicelo zokumthenga kodwa zichithwa ngenxa yokungafinyeleli kulesi sizumbulu esibekiwe.
URoger Schmidt, umqeqeshi weBenfica ngolukoba kwe-snl24.com, ucashunwe kwiDailyMail esola iChelsea, ebhinjelwa wuhlelo kulezi zinsuku, ngokungabahloniphi.
“Asifuni ukudayisa u-Enzo. Hhayi mina, hhayi umengameli, akekho ofuna ukudayisa lo mdlali,” kusho uSchmidt.
“Sonke siyazi, wonke umuntu uyazi ukuthi kunombandela enkontilekeni okuzothi uma umdlali efuna ukuhamba kanjalo nalabo abamfunayo bawumele lo mgomo, ngeke siphikisane nalokho.
“Kuneqembu elimfunayo umdlali. Bayazi asifuni ukumdayisa umdlali.
“Sebezamile ukumeshela isinyenyela umdlali kodwa bebe bazi kahle ukuthi indlela yokumthola wukuthi bakhokhe imali yombandela.
“Kusobala-ke, leli qembu elifuna ukusayinisa u-Enzo likhombisa ukungasihloniphi sonke ngisho neBenfica imbala kanti ngeke-ke ngikwamukele lokho.
“Ukuhlanyisa umdlali ngokuthembisa ukuthi uzoyikhokha imali esembandeleni wenkontileka yakhe kodwa bese emuva kwalokho bezama ukuthi kuxoxiswane, angikuboni lokho kudala ubudlelwano obuhle phakathi kwamaqembu afisa ukwakha ubudlelwano.”
IChelsea igijimisana noFernandez nje, bekulindelwe igxile ekuthungatheni umgadli ozoyishayela amagoli azoyitakula endaweni ka-10 edukuza kuyo kwilog ye-English Premier League.