Richards Bay (1)
TS Galaxy (0) 0
IWUQALE kahle iRichards Bay umkhankaso wokuqeda kwi-Top 8, ishaya iTS Galaxy ngo-1-0 emdlalweni wayo wokuqala weBetway Premiership, ngeSonto, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Iwole amaphuzu amathathu ngenxa yegoli elingqofelwe phakathi uKeegan Allen ngomzuzu ka-22, ongomunye wabadlali abasha eqenjini.
Ngaphandle kokushaya leli goli, lesi sitobha siphinde savimba amabhola ayingozi abeqhamuka neGalaxy ikakhulukazi esiwombeni sesibili, nokusenze saqokwa njengomdlali ovelele wosuku.
Abalandeli baze baqamba ingoma, bembiza ngesiteketiso ebesithi we-“Mlungu” njalo uma ephethe ibhola. USiyethemba Sithebe naye obeqala ukugqoka imibala yeBay ube nebhadi njengoba engawuqedanga umdlalo ngenxa yokulimala.
Nakuba leli qembu libuye kuma-play-off okuvika izembe ngesizini edlule kodwa usihlalo walo, uSifiso " Jomo" Biyela usecashunwe kaningi ethi ngabadlali ababasayinisile ubona bezokwazi ukuqeda kwi-Top 8.
Ngokunqoba iBay igqibe ihlazo lamaqembu aKwaZulu-Natal njengoba abanye abakhaya bayo behlulekile wukuqoqa amaphuzu agcwele.
AmaZulu ashaye iPolokwane City ngo 2-1, kwathi iRoyal AM yabambana ngo 1-1 neCape Town City.
NgoLwesithathu, iLamontville Golden Arrows izogadulisana neStellenbosch ngo-7.30 ebusuku, e-Atlone Stadium, eKapa.
Esiwombeni sokuqala akukho minyakazo etheni ebekhona ngaphandle kwegoli lika-Allen. Umdlalo uqale ukushuba kwesesibili, iThe Rockets ifuna ukushaya igoli lokulinganisa. IBay bese igqishe emuva. Nonozinti wayo, uSalim Magoola wenze omkhulu umsebenzi ukuqinisekisa ukuthi izitha azitholi lutho. Ukuphakanyelwa umoya kwebhentshi leGalaxy kuholele ekutheni iphini lomqeqeshi weGalaxy, u-Adnan Beganovic lithole ikhadi eliphuzi.
Emdlalweni olandelayo iBay izovakashela iChippa United, ngoMgqibelo, eBuffalo City Municipality Stadium.
IGalaxy eqede endaweni yesithupha ngesizini edlule, izobhekana neSuperSport United ngoSepthemba 25, eTUT Stadium.