Richards Bay FC (0) 2
AmaZulu FC (1) 1
IRICHARDS Bay FC izenzele umsebenzi omkhulu emizamweni yayo yokuvika izembe inqoba AmaZulu FC ngo 2-1 emdlaweni weDStv Premiership obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili ebusuku.
Usuthu lugadle kuqala ngegoli elivalelwe ngu-Augustine Mulenga esiwombeni sokuqala, iNatal Rich Boyz yabuya ngamagoli ashaywe nguJustice Figuareido noSanele Barns kwesesibili.
AmaZulu abebheke ukuqinisa amathuba awo okungena kwiTop 8 kulandela ukunqoba iChippa United ngo 1-0.
IBay ibiwadinga ephelele amaphuzu ukuze iziqhelelanise neqembu elisemsileni kwi-log, iCape Town Spurs.
Leli qembu laseKapa likwazile ukunciphisa igebe ngesikhathi liyiqumba phansi ngo 1-0 iNatal Rich Boyz ngoLwesihlanu ebusuku.
Iqembu okuzosongwa imidlalo yeligi lisemsileni lizogawulwa yizembe lishoveleke kwiMotsepe Foundation Championship. Elizolala kunombolo-15 lizodlala kweyokuhlunga ukulwela ukugcina indawo yalo esigabeni esikhulu. Amaphuzu amathathu atholwe iBay esinamaphuzu awu-23, afakela ingcindezi amaqembu angaphezulu kwayo ikakhulukazi iMoroka Swallows (enawu-26) ukuthi awine eyawo imidlalo ukuze angazitholi eshoveleka ezansi uma leli qembu laKwaZulu-Natal liqhubeka nokucosha amaphuzu emidlalweni emine elisalele.
Igoli lokuqala emdlalweni lingene ngomzuzu ka-36 ngenxa yokuhluleka kwezitobha zeBay ukukhipha ibhola ebeligotshwe nguWayde Jooste ngakwesokudla.
Lize lathola uMulenga ezimele yedwa ebhokisini ngakwesokunxele, washaya ibhola ebelihamba phansi.
Kuyiwe ekhefini AmaZulu ehamba phambili ngo 1-0 yize iqembu lasekhaya libe nalo ithuba lokulinganisa kodwa umgadli waseMalawi, uKhuda Myaba, wakha amabhilidi engamakiwe ebhokisini.
IBay igcine ibuyile ngomzuzu ka-69 kulandela ikhona ebishaywe nguBarns. U-Ethan Brooks uzame wancama ukukhipha ibhola, lawela kuFiguareido obesanda kungena, walibeka enethini.
Ibe isiwathatha wonke amaphuzu ngegoli elingqofelwe phakathi uBarns ngomzuzu ka-86, ehlangana nebhola ebeliqhamuka ngakwesokunxele.
Komunye umdlalo weligi obuse-Athlone Stadium, eKapa, iPolokwane City iguqise iSpurs ngo 1-0 okuyibeka emsileni ngamaphuzu awu-15 emidlalweni ewu-26.
IBay izobuyela enkundleni ngoMeyi 8 izobhekana nePolokwane City. Ngosoku olwandulela lolu iSpurs izovakashela iRoyal AM eHarry Gwala Stadium.
Umdlalo olandelayo waMaZulu nawo uzoba ngoLwesithathu oluzayo neStellenbosch FC ekuhambeni.