IZIKHULU zeRichards Bay FC zisamethemba umqeqeshi uKaitano Tembo ophikwa yimiphumela kuleli qembu.
IBay isendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership. Isawine kanye emidlalweni yeligi engu-10 kule sizini. Akubuzwa ukuthi ingcindezi ihlezi kuTembo njengoba iqembu sekuyophela umzuliswano wokuqala wesizini kodwa lisahluleka ukucosha amaphuzu.
Ngempelasonto edlule, iBay idlale kahle kodwa yagcina iphunyukwe yiwona womathathu amaphuzu yehlulwa yiCape Town City eMlaza.
Imenenja yeBay, uJames Dlamini, ithe bayasiqonda isimo abakuso kodwa basenalo ithemba.
“Siyameseka umqeqeshi emsebenzini awenzayo. Sibheke ukuthi izinto zishintshe ngoba siyabona ukuthi iqembu lidlala kahle futhi siyawubona umsebenzi womqeqeshi uma iqembu liziqeqesha. Abadlali bayawuqonda umthwalo ababhekene nawo. Sibe nebhadi nje emdlalweni neCity kodwa besidlala kahle," kusho uDlamini.
UTembo waseZimbabwe, uqashwe yiBay ekuqaleni kwesizini ekade engenalo iqembu kulandela ukuxoshwa yiSekhukhune United ngesizini edlule. Wayejoyine iBabina Nokho ekade exoshwe yiSuperSport United ngenxa yokuhluleka ukuwina imidlalo.
IBay izicijela ukubhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni wama-quarterfinals eCarling Black Label Knockout ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
"Sigxile kakhulu kwiligi manje. NgoMgqibelo sizodlala sizimisele ngokuwina kodwa iqiniso lithi asimile kahle kwiligi. Ukuwina kwiPirates kuzosinika umdlandla, kusisize emidlalweni yeligi," kusho uDlamini.
IBay kulindeleke ukuthi idlale ngaphandle komdlali wasemuva uKatlego Maphathe okuvele ukuthi usehlukene naleli qembu. Kuthiwa abaphathi abaneme ngabanikeza khona enkundleni. UMaphathe, obeyibamba emuva kwesokudla, ngomunye wabadlali asebeneminyaka bedlala kuNatal Rich Boyz ayisize yanyukela kwiDStv Premiership nyakenye. Ubekhona ngesikhathi iBay yehlulwa yiCity ngempelasonto edlule.
UDlamini uthe uMaphathe, obefaka ibhande likakaputeni ngesizini edlule, akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi.
"Iqembu alikahlukani noMaphathe kodwa kusaxoxiswana ukuthi kube njalo. Akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi. Ngakho sibone ukuthi sihlukene naye kumanje ukuze ezothola isikhathi esanele sokuthi athole umsebenzi. Ungomunye wabadlali abadala eqenjini ngakho akufanele simphathe njengengane," kusho uDlamimi.