USIHLALO weRichards Bay, uSifiso "Jomo" Biyela, uveza ukuthi babuyise kwesokuqeqesha uBrandon Truter ngoba bembona ezokwazi ukugxuma ahlale, abazuzele abakufunayo.
Leli qembu limemezele ukubuya kwalo mqeqeshi ngesonto eledlule.
Uvale isikhala sikaVusumuzi "Kanu" Vilakazi osize iBay ivika izembe eyihlenga emidlalweni yokuhlunga.
Ngesikhathi kwethulwa abaxhasi bakwaPhakwe Gas eseke leli qembu ngesamba sika-R100 million, isikhulu esiphezulu sale nkampani, uThabiso Tenyane, satshela abezindaba ukuthi maduze bazomemezela umqeqeshi omusha njengoba kugcine ngokuthi uVilakazi ahambe ekubeni, kwakuvele ukuthi uzonikwa inkontileka entsha ngemuva kokuhlenga iqembu.
UTruter owake wayicija iBay isadlala kwiMotsepe Foundation Championship, ushiye i-Upington City egijima kuso lesi sigaba.
Njengoba iBay ngesizini edlule igcine isinda emidlalweni yokuhlunga, ngeka-2022/23, okwakungeyokuqala esigabeni esiphezulu, yaphunyuka ekugcineni, kwasongwa isendaweni ka-13.
UBiyela ekhuluma neSolezwe uqinisekise abalandeli babo ukuthi bafundile emaphutheni abo, ngeke baphindwe induku eyodwa.
Uveze ukuthi bebebaningi abaqeqeshi abebefake izicelo zomsebenzi. Nokho baqome ukuthatha uTruter amchaze njengolaziyo iqembu.
"Besidinga umuntu olaziyo iqembu, ongeke aqale athathe isikhathi ukulifunda. Kuhlale kubalulekile ukuqoqa amaphuzu kusakhanya. Uzokhumbula ukuthi uTruter usebenzile nathi phambilini. Sifuna ukuba iqembu elihlukile kule sizini," kubeka uBiyela.
Uqhube wathi lo mqeqeshi uhlalelwe umthwalo wokusonga isizini ka-2024/25 besemaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
Lesi sikhulu sithe nakuba begculisekile ngabadlali ababasayinisile kodwa kusengenzeka bangeze ngabanye.
"Umyalelo esimnikeze wona owokuthi sifuna afake iqembu kwiTop 8. Sibona kungenzeka lokho ngenxa yohlobo lwabadlali esibasayinile futhi uyalazi iqembu njengoba eke wasebenza kulona phambilini. Nakuba seneme ngabadlali abasijoyinile kodwa kuzomele sizwe kumqeqeshi ukuthi uyabadinga yini abanye. Ukuze sizuze esikufunayo kumele simnike konke akudingayo,“ kusho uBiyela.
AmaNatal Rich Boys asayinise abayishumi. Phakathi kwabo kukhona uSiyethemba Sithebe obekwiKaizer Chiefs, Thabiso Kutumela noThabang Sibanyoni (Mamelodi Sundowns), Keegan Allen (SuperSport United), Tlakusani Mthethwa (Moroka Swallows).
IBay izovula iBetway Premiership neTS Galaxy, ngoSepthemba 15, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.