IRICHARDS Bay FC ihlongoza ukuyoyidlalela Olundi imidlalo yasekhaya yeDStv Premiership.
IBay, engomakoti bePremiership iphoqelekile ukudlala imidlalo yayo yasekhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, eThekwini, ngenxa yokuthi isalungiswa inkundla Umhlathuze Sports Complex eseRichards Bay.
Phezu kokuba uMkhandlu iKing Cetshwayo noMasipala Umhlathuze baathembisa ukuthi izolunga inkundla ngokushesha kodwa kubukeka kusekude ukuthi iNatal Rich Boyz ibuyele ekhaya.
Le nkundla yafeyiliswa yiPremier Soccer League (PSL) kumasizini amabili adlule ngenxa yezinkinga ezahlukene okukhona kuzona eyokungena kwamanzi ezindlini zokugqokela abadlali nezintambo zikagesi ezihamba phansi. Lokhu kuholele ekutheni iBay ifudukele eMlaza lapho iwinele khona iligi yeMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, yase ikhuphukela kwiPremiership.
Leli phephandaba lithole ukuthi iBay ifuna ukufudukela ePrince Mangosuthu Stadium, Ondini. Le nkundla okwakudlala kuyona AmaZulu eminyakeni edlule, kuvele ukuthi ngoLwesibili kade izohlolwa yisikhulu sePSL, uRonnie Schloss, ukuthi ikulungele yini ukuthi kudlalelwe kuyona imidlalo yalesi sigaba. USchloss uyena owafeyilisa inkundla yaseMhlathuze.
UJames Dlamini, oyimenenja yeBay, uvumile ukuthi bafuna ukuyodlala Olundi.
"Kuyiqiniso ukuthi uRonnie Schloss uyihlolile inkundla Olundi. Uzokhumbula ukuthi le nkundla kudlaliwe kuyona eminyakeni edlule. Kodwa manje kufanele ihambisane nezinga lamanje elidingwa yiPSL. Kukhona izinto ezidinga ukulungiswa kuyona. Kushoda kancane ukuthi ilungele ukudlala iqembu leDiski Challenge. Cishe iku-90% kulokho. Ukuyilungisela iDiski kungathatha cishe amasonto amathathu kuya kwamane. Lokhu kusho ukuthu kungenzeka kubuywe sesidlala khona," kusho uDlamini.
"Mayelana nokuthi kudlale iqembu lePremiership, kuningi okufanele kulungiswe enkundleni. Kodwa umbiko wonke uSchloss uzowuhambisa kuMasipala wasoLundi ngoba nawo uyafuna ukuthi kudlalwe kuleya nkundla. Uma singadlala khona iqembu lizobukwa ngabantu abaningi okuyinto efunwa nangusihlalo (Sifiso Biyela)."
USchloss uthe inkundla yasoNdini idinga ukulungiswa. Wathi kodwa okwamanje kusabhekwa eyemidlalo yeDStv Diski Challenge.
"Uma belungisa inkundla ifinyelela ezingeni esilifunayo, imidlalo yeDiski izodlalelwa (khona). Uma besheshile ukulungisa zonke izinto, kungenzeka kudlalwe ngoJanuwari. Bathembisile ukuthi bazoletha ungoti osebenza enkundleni eMoses Mabhida ukuthi azolekelela,“ kusho Schloss.
Inkundla iPrince Mangosuthu Stadium kugcine ukudlalwa kuyona ngesikhathi kunomqhudelwano iPrince Mangosuthu Cup obekukhona kuwona neMamelodi Sundowns ezinyangeni ezedlule. Phakathi kwezinto okuvele ukuthi zidinga ukulungiswa kuyona yizibani kwazise eminye imidlalo yePremiership idlalwa ebusuku noma seliyozilahla kunina. IBay ihlezi endaweni yesibili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-23 emuva kwemidlalo engu-13. Izobuyela enkundleni ngoDisemba 31 uma isibhekene neSwallows eKing Zwelithini Stadium.