AmaZulu (0) 0
Richards Bay (0) 1
I-RICHARDS Bay igile AmaZulu, iwashaya ngo-1-0, emdlalweni womkhaya, izolo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IBay iwezwe yigoli likaSakhile Hlongwa alinamathisele enethini esikhathini esengeziwe. Bekungumdlalo wakhe wokuqala kule sizini njengoba ebuya ekulimaleni.
Sekusele imizuzu ewu-16, kuphele lo mdlalo unompempe, uThando Ndzandzeka kuphoqe ukuthi awumise imizuzu ewu-15 ngenxa yokuduma kwezulu obekuhambisana nemibani njengoba bese liyidliva eThekwini. UHlongwa ubengene kubuywa kuleli khefu lezulu.
IBay isazoqhubeka nokuhlala endaweni yesibili ngamaphuzu awu-17, emidlalweni eyisishiyagalolunye. Ilandela iMamelodi Sundowns esesicongweni kwi-log ngamaphuzu awu-19. Ukunqoba kweBay kulo mdlalo kuqhubeze umgqigqo wayo wokukhonya emidlalweni yomkhaya.
Abanye omkhaya bayo iLamontville Golden Arrows neRoyal AM sebeyitholile induku yayo. Usuthu lusamile emaphuzwini awu-11.
Bekuwumdlalo wesine lushaywa. Okubuhlungu kakhulu ukuthi bekungowesihlanu luhluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele kwiligi. Lwalugcine maphakathi no-Agasti ukunqoba.
Luqhuba ngale ndlela nje, umengameli walo, uSandile Zungu, ekuqaleni kwale sizini ulibeke ngembaba elokuthi ufuna ukubuyela emiqhudelwaneni yeCaf.
Kulo mdlalo AmaZulu enze ushintsho lwabadlali abayisikhombisa kwisikwati esibambane ngo-1-1 neKaizer Chiefs emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu eMTN8, ngempelasonto edlule ekuhambeni.
Aqale ngoThembela Sikhakhane, Sibusiso Mabiliso, Ramahlwe Mphahlele, Tercious Malepe, Ethan Brooks, Augastine Kwem noLehlohonolo Majoro.
IBay ilibuyise njengoba linjalo iqembu elabambana neTS Galaxy emasontweni edlule.
Okugqamile esiwombeni sokuqala, ukuthi la maqembu abesabana. Nokho ukube iBay iyisebenzisile ingcosana yamathuba bekungayiwa ekhefini ihamba phambili. Kuyo bekugqame kakhuku uSanela Barns odlala ohlangithini lwesokudla noSiyanda Msani oyibamba kwesokunxele. Begoba amabhola, beshaya nama-free kick ayingozi.
Ukube ngomzuzu ka-40, uBarns akatatazelanga esebhekene nonozinti woSuthu, uVeli Mothwa, ngabe kukhulunywa okunye. Nomgadli wezikaPitso Dladla, uSomila Ntsundwana, uke waqhamuka kwesokunxele kwavalwa amehlo.
USkhakhane waMaZulu uke wagoba ibhola eliyingozi, kwabeBay umkhonto wacishe wagwaza ekhaya. Kulesi siwombe la maqembu abe nebhadi elinyalelwa ngabadlali abagcine bephumile. OSuthwini kulimale uMbongeni Gumede, kwiBay kwashayeka uNdiviwe Mdabuka.
Esesibili isiwombe sibe into ehlukile, bese zithengana, kubonakala ukuthi abadlali bayayilandela imiyalelo yabaqeqeshi. Ngomzuzu ka-52, uLuvuyo Memela weBay ubesho ukulidla lihlaza iqembu lakhe elidala nokho ibhola lashaya ipali. NaMaZulu avukile emaqandeni aqala ahlasela.
Bekubhoke u-Augastine Kwem. Kubuywa ngemuva kokuduma kwezulu. Lo mgadli uyeke ukuqedela uqekelele obongqofwe ngekhanda uSandile Khumalo. Nakuso lesi siwombe, uBarns uqhubekile nokuba yiphela endlebeni kuMaZulu.
IBay noSuthu kwelandelayo bazodlala ne-Orlando Pirates, e-Orlando Stadium. EzikaDladla zizoyivakashela ngoMgqibelo bese kuthi AmaZulu adlale nayo ngo-Okthoba 14.