ISITOBHA seKaizer Chiefs, u-Austin Dube, sesivumile ukubuyela kwiRichards Bay emuva kwamasizini amabili silizwa ngendaba ijezi eNaturena.
Lokhu kudalulwe yimenenja yeNatal Rich Boyz, uJames "UMatatazela" Dlamini engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba. IBay iqede isizini edlule endaweni ka-13 emuva kokuwina kanye emizuliswaneni wesibili wesizini yeDStv Premiership.
Lokhu kulethe ukungenami kubaphathi bayo asebeqoke ukudedela abadlali abathize nethimba lonke labaqeqeshi ebeliholwa nguVasili Manousakis. Abaphathi neBay balimise ngesihloko elokuthi bafuna okungcono ngesizini ezayo. Lokhu kuphinde kwabonakala ngokungena kwabo bagxile emakethe kusasele isikhathi eside kuqale isizini entsha.
Kubadlali asebevele basayine kwiNatal Rich Boyz kukhona uLucky Mohomi noLetsie Koapeng abasuka kwiMarumo Gallants egawulwe yizembe kwiDStv Premiership. UDlamini udalule ukuthi bazama ukubuyisa uDube oyinxele eliyibamba maphakathi emuva.
UDube (30), uthengwe yiChiefs kwiBay ngesizini ka-2021/2022 kodwa wehluleka ukuthola isikimu ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Ngesizini ka-2022/2023, usithole kanye isikimu ngaphansi kuka-Arthur Zwane.
"U-Austin Dube nakuba sisaqedela izinto ezithize neKaizer Chiefs kodwa usevumile ukuza kithina ngayo yonke into. Nokho asikaqedi ngokuphelele neChiefs. U-Austin ngumdlali wethu vele. Ngakho uma iChiefs ingamsebenzisi sithi thina izandla zivulekile, angabuyela ekhaya. Vele babemthathe singashongo ukuthi asisamfuni. Bamthatha ngoba bebona ukuthi bayamdinga futhi kwadayiselwana kahle. U-Austin Dube uyazi ukuthi kusekhaya lapha eRichards Bay. Ngakho singajabula uma simbona esebuyile," kusho uDlamini.
Lesi sikhulu sikuchithile ukuthi izingxoxo ngoDube zihlangene nodaba lomgadli osayine kubona ofunwa yiChiefs uRanga Chivaviro.
Ukuhamba kukaDube kwiChiefs kungasho ukuhlukana nomdlali wamaphakathi emuva wesithathu. Abanye asebeshiyile eNaturena ngu-Erick Mathoho noSiyabonga Ngezana othengwe phesheya. KwiBay kuvuleke isikhala ngokuhamba kukaNtsikelelo Nyauza noKhetha Tshabalala izinkontileka zabo ezingeke zisavuselelwa.
IRich Boyz isayinisa abadlali nje ayikabi naye umqeqeshi. Kuvele ukuthi bayisithupha asebesele njengoba kukade kuhlungwa kwabangu-19 abebefake izicelo zomsebenzi. Kulaba baqeqeshi kukhona noLuc Eymael waseBelgium owawina iNedbank Cup neFree State Stars ngo-2018. U-Eymael ubefake isicelo nakuMaZulu.
"Indaba yomqeqeshi sizoyiphetha. Sesisele nabayisithupha kwabangu-19. Ngakho noma yinini usihlalo (Sifiso Biyela) uzositshela ukuthi yimuphi oqashwayo. Thina ngokwethu sesibonile ukuthi yimuphi esimfunayo kulaba. Njengoba eyisithupha (amagama) nje kusho ukuthi bonke bangaqeqesha. Sekuzoya ngokuthi ubani esimbona engcono kunabanye nokuthi kuyavunyelwana yini ngalokhu akufunayo. Umqeqeshi sizomumemezela engakapheli amasonto amabili," kusho uDlamini.