IQEMBU lesizwe lebhola labesifazane, iBanyana Banyana, lizosebenzisa ikhefu elilandelayo lemidlalo yamazwe ngamazwe ukulungiselela iWomen’s Africa Cup of Nations ngokudlala imidlalo emibili yobungani neSenegal.
Iqembu likaDesiree Ellis lisanda kuphunyukwa yithuba lokumela izwekazi i-Afrika kuma-Olympic azobanjelwa eParis, kusukela ngoJulayi, ngesikhathi likhishwa yiNigeria emzuliswaneni wokugcina.
Nokho lizolisebenzisa ithuba lokuhlanganisa abadlali ekupheleni kwenyanga ephezulu ngokududulana neSenegal ezweni layo ngoMey 31 nangoJuni 4.
“Sihlezi sisho ukuthi sifuna ukuzisebenzisa ngendlela efanele izinsuku zeFifa, yingakho sihlele le midlalo yobungani emibili neSenegal. Kufanele iqembu libe matasatasa ukuze lilungele iWafcon,” kusho u-Ellis esitatimendeni seSafa.
“Kunabadlali ababuya ekulimaleni futhi sifuna ukubona abanye abadlali kule midlalo yobungani neSenegal. Yize singakatshelwa ukuthi iWafcon izoqala nini kodwa kufanele sihlale silungile."
IBanyana kufanele ivikele isicoco seWafcon eMorocco, okuyizwe eyanqoba kulona le ndebe ngo-2022. Lo mqhudelwano ngeke ubanjwe ngoJulayi ngenxa yama-Olympic. Kulindeleke ukuthi udlalwe ngo-Okthoba kuya kuNovemba.
Iqembu labadlali abangu-23 elizobhekana neSenegal lizomenyezelwa ezinsukwini ezizayo.