Tanzania (0) 0
South Africa (1) 3
IBANYANA Banyana izibeke ethubeni elihle lokudlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela ama-Olympic Games ka-2024 ishayela iTanzania ekhaya emdlalweni womlenze wokuqala e-Azam Complex Stadium, eDar es Salaam, eTanzania, ngoLwesihlanu ntambama.
Labo mpetha base-Afrika bakhombise zisuka nje ukuthi bazele ukuzosebenza eDar eSalaam. Igoli lokuqala lingene ngomzuzu weshumi umdlalo uqalile ngonyawo lukaJermaine Seoposenwe ngemuva kwebhola ebeligotshwe wuHildah Magaia.
Nangemuva kwaleli goli iBanyana iqhubekile nokuba phezulu ngomdlalo kunosokhaya iTwiga Stars, yathola amathuba amaningi okushaya amagoli kodwa ayangawasebenzisa ngendlela. Umdlalo ugcine ushintsha isashaye igoli elilodwa.
Ngesiwombe sesibili iBanyana iqhubeke lapho ebigcine khona. UThembi Kgatlana uvalele phakathi igoli lesibili ngomzuzu ka-57.
Kwathi elesithathu elenze isiqiniseko sokuthi iBanyana izongena emlenzeni wesibili isendaweni enhle, lavalelwa phakathi wuMagaia ngomzuzu ka-86.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba kuleli ngoLwesibili, eMbombela Stadium, eNelspruit, ngo-7.30 ebusuku.
EzikaDesiree Ellis uma zinqoba nakowomlenze wesibili ngoLwesibili ziyobe sezibhekana nozonqoba phakathi kweNigeria neCameroon emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga ozocacisa ukuthi yimaphi amazwe amabili azomela i-Afrika kuma-Olympic azodlalelwa eParis, eFrance, kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.
IBanyana eyahluleka ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games ka-2021 ayeseTokyo, eJapan, yayigcine ngo-2016 ukudlala kule midlalo eyayibanjelwe eRio de Janeiro, eBrazil. Yayidlale okokuqala kule midlalo ngo-2012, eLondon, e-Britain.