IBAMBENE ngezihluthu phakathi kwaMaZulu FC nomdlali wawo, uMswati Mavuso, okuvela ukuthi akafuni ukuhamba kuleli qembu phezu kokuba engekho ezinhlelweni zabaqeqeshi.
UMavuso ogijima esiswini, ujoyine uSuthu maphakathi nesizini edlule ephuma kwi-Europa Point FC yaseGilbraltar.
Usayine kade kusaqeqesha uRomain "Fohloza" Folz waseFrance.
Nakuba engadlalanga nowodwa ngaphansi kwakhe uFohloza naku-Ayanda "Cobra" Dlamini obebanjiswe izintambo ngasekupheleni kwesizini edlule kodwa kuvela ukuthi ubuye wasayiniswa inkontileka yamasizini amabili.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi kuke kwashuba umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ebuza kuthi uMavuso usayiniswe kanjani inkontileka yamasizini amabili ekubeni kade engadlali?
Ngokusho komthombo, uZungu ufuna ukuyinqamula inkontileka kaMavuso. Kuvela ukuthi nakuba esasalelwe amasizini amabili kodwa uZungu ufuna ukumkhokhela imali yezinyanga eziyisithupha.
Ngokusho komthombo, uMavuso ushaya phansi ngonyawo, uyifuna yonke imali yakhe, akayi ndawo uma enganikwa yona. Kuthiwa kwale ngisho uMavuso esencengwa wumphathi wezindaba zakhe.
UZungu ekhuluma neSpolezwe ukuvumile ukuthi bayayinqamula inkontileka kaMavuso nokuthi ugoloza ukuhamba uma enganikwa le mali ayifunayo.
"Ngisazibuza ukuthi ivuselelwe kanjani inkontileka kaMavuso ekubeni engadlalanga nowodwa ngaphansi kukaFohloza nakuDlamini. Yinhle kabi imali ebesizomnika yona ngokunqamula inkontileka yakhe,“ kusho uZungu.
“Uma engafuni ukuhamba okwakhe. Kodwa ngeke ajime neqembu elikhulu, uzojima nezinkulisa zethu. Bengithi ngimnika ithuba lokuyodlala kwamanye amaqembu ngoba lapha kithina akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi. Usemncane kabi uMavuso, usengadlala noma ikuphi lapho ethanda khona. Le nkani yakhe ngeke imsize. Le nto ayenzayo izobulala ikusasa lakhe," kubeka uZungu.
UMinenhle Mkhize ophethe izindaba zikaMavuso unqabe waphetha ukuphawula. Uthe lolu udaba lwangaphakathi abangeke balinekele ilizwe.
Leli phephandaba lithole ukuthi iTS Galaxy ngelinye lamaqembu abefuna ukusayinisa uMavuso. Kuvela nokuthi kunadlala kwiMotsepe Foundation Championship afuna ukumsayinisa.
Ngaphambi kokuya eGilbraltar, uke wadlala kwiWitbank Spurs, Stellenbosch nakwiSteenberg.