IBAMBA lomqeqeshi kwiMoroka Swallows, uMusa Nyatama, likhuthazekile ngelikubone kubadlali balo ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs okulenza lingabe lisakwazi ukulinda olandelayo weDStv Premiership naMaZulu FC ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
ISwallows osekuphele izinyanga ezine ingayazi iwini kwiligi izoya emdlalweni wayo olandelayo noSuthu eThekwini, ikhuthazekile ngenxa yalokhu ekwenze ekuhambeni kwiChiefs.
ISwallows ithole iphuzu ibambana ngo 0-0 neChiefs koweligi ngempelasonto eFNB Stadium.
UNyatama obekhuluma nabezindaba emuva kokunezela osizini oluhaqe iChiefs kulezi zinsuku, uthe kumele kube khona abakutholayo eThekwini.
Lo mdlalo bekubhekwe ukuthi iChiefs ivuke ngawo ehlazweni lokukhishwa ekuseni yiMilford FC kwiNedbank Cup ngeledlule.
Emuva komdlalo, uNyatama uyena obechaya izandla ngoba ekholelwa ekutheni iSwallows iziyekele ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele kwiChiefs. Amakhosi aqede umdlalo esegijima ngabadlali abayishumi enkundleni kulandela ikhadi elibomvu lika-Edmilson Dove.
“Ngeke sikubalekele ukuthi besibhekene nelinye lamaqembu athathwa njengamakhulu kuleli esibayeni salo kodwa futhi lokhu akungenzi ngiguqule umqondo wami ngokuthi siyeke ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele,” kusho uNyatama.
“Amathuba esiwatholile bekumele siwasebenzise okungenani elilodwa lawo. Kulungile ngiyawamukela lo mphumela kodwa uyangikhuthaza ngokungase kwenzeke emdlalweni olandelayo yinqobo nje uma sizoqhubeka nalokhu ebesikwenza kwiChiefs,” kuqhuba uNyatama.
Uyaqonda uNyatama ukuthi umdlalo wabo noSuthu uzobanzima kodwa akangabazi ukuthi bangawathola amaphuzu agcwele okokuqala ezinyangeni ezine.
“Ayikho imidlalo elula kule ligi kodwa uma sizoya kuMaZulu ngendlela esiye ngayo kwiChiefs nakanjani amathuba omphumela omuhle makhulu,” kuqhuba yena.
UNyatama uveze ukuthi kuzoba nesikhathi lapho engeke abekhona ebhentshini leSwallows ngokuqhubeka kwesizini.
“Ngokushayisana kwezikhathi kukhona lapho iqembu lizodlala khona ngaphandle kwami. Imbangela yalokhu izifundo zami zokuqeqesha okumele ngiqhubeke nazo.
“Ukungabibikho kwami nokho angikholwa ukuthi kuzophazamisa kangako ngoba iqembu lizobe lisezandleni zomqeqeshi onamava adingekayo ukuhlala ebhentshini, uDitheko (Mototo),” kuphetha uNyatama.
Kumele izibambe ziqine nokho iSwallows kowakusasa noSuthu olusazikhotha amanxeba kulandela isibhaxu sika 3-0 sompetha iMamelodi Sundowns ePitoli, emdlalweni odlule.