South Africa (2) 2
Benin (0) 1
KWENYUKE ithemba ngeBafana Bafana iqala ngonyawo oluhle imidlalo yokuhlungela imidlalo iNdebe yoMhlaba ka-2026 ishaya iBenin ngo 2-1 emdlalweni kaGroup C, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli eBafana ashaywe ngiPercy Tau noKhuliso Mudau esiwombeni sokuqala. EleBenin libeke enethini nguSteve Mounie esiwombeni sesibili.
Amaphuzu amathathu ewatholile iBafana ayibeke esicongweni sikaGroup C kwazise iyona kuphela enqobile kuleli qoqo emdlalweni wokuvula. Lokhu akubuzwa ukuthi kuzowenyusa amathemba okuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba eyagcina ukukwenza ngo-2002 eKorea/Japan.
IBafana, edlale phambi kwezinkulungwane zabalandeli,eMoses Mabhida, ikhombise zibekwa ukuthi izimisele ngokuwunqoba lo mdlalo ngesikathi uTau evalela phakathi igoli ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile.
Ukuqhubeka nokucindezela kweBafana Bafana kuphinde kwathela izithelo sekusele amanenjana ziye ekhefini, uKhuliso Mudau eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-45.
Ngesiwombe sesibili iBafana bekubhekeke ukuba iqhubeke negiya ebiqale ngalo isiwombe sokuqala kodwa yalehlisa izinga. Kwale noma seyenze izinguquko ezimbalwa, ifaka uZakhele Lepasa endaweni ka-Evidence Makgopa ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Lokhu kudembesela kweBafana kugcine kuholele ekuthen iBenin ithole igoli lokubika ngomzuzu ka-70 ngonyawo lukaSteve Mounie.
Nakuba iBenin ilitholile igoli kulo mdlalo, kodwa iBafana kufanele izisole yona ngokuyeka amathuba amaningi okubhakuzisa inethi kulo mdlalo obekufanele iwunqobe ngamagoli angaphezulu kwalawa enqobe ngawo.
Emdlalweni olandelayo, iBafana izovakashela iRwanda eHuye Stadium, eButare ngoLwesibili ngo-3 ntambama. Ngaleso sikhathi, iBenin izobe ishukana neLesotho eMabhida. Amanye amazwe akuGroup C yiNigeria neZimbabwe.