IBAFANA Bafana izibeke ethubeni elihle lokwedlulela kweyandulela owamanqamu weHollywoodbets Cosafa Cup ishaya iBotswana ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
IBafana ebidlale ngokulingana ngo 1-1 neNamibia emdlalweni wayo wokuvula ngoLwesine, ibize kulo mdlalo ivele iwadinga amaphuzu amathathu ukwandisa amathuba ayo okwedlulela esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano.
Nakuba iBafana ebiqale lo umdlalo kuyiyona ebidlala kangcono futhi iphezulu ngomdlalo nangesiwombe sokuqala, kodwa izithole isilandela ngemuva emizuzwini eyishumi nanhlanu zibuya ekhefini uThatayaone Kgamanyane weBotswana evalela phakathi igoli elenze ezakhe zahamba phambili ngo 1-0 ngomzuzu ka-63.
Nokho, ukungenelwa yigoli kweBafana kuyivuse emaqandeni njengoba ngemuva kwalokho ivuke injebomvu isifuna elokulinganisa
Nebala ithole iphenathi ngenkathi uVictor Letsoalo egingqwa ebhokisini yisitobha seBotswana, uTebogo Kopelang, ogcine ekhishwa ngekhadi elibomvu ngokudllala injeje.
U-Iqraam Rayners uvalele phakathi iphenathi enike iBafana igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-66.
Ngemuva kokuthola igoli lokulinganisa iBafana iqhubekile nokucindezela ikhombisa ukufuna igoli lesibili, nokungaphelanga sikhathi esingakanani yalithola ngonyawo lukaShaune Mogaila ngomzuzu ka-67.
Empeleni iBafana kufanele ngabe iwunqobe ngamagoli amaningi lo mdlalo ukuba abadlali bayo abahlulwanga oqekelele bamathuba okubhakuzisa inethi.
ULetsoalo ohlulwe uhlaba udle wethuba lokuvalela igoli lesithathu esengaphansi kwepali. kodwa wakhetha ukulibeka phezu kwamapali ngomzuzu ka-80 selisukume lonke ibhentshi leBafana eliholwa ngumqeqeshi uMorena Ramoreboli.
Njengamanje iBafana yiyona ezihola phambili ngamaphuzu amane kuGroup A, ilandelwa yiBotswana ngamaphuzu amathathu njengoba yanqoba emdlaweni wayo wokuqala ishaya iSwatini ngo 1-0.
IBafana isidinga iphuzu elilodwa emdlalweni wayo wokugcina wesigaba samaqoqo neSwatini, ngoLwesibili, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IBafana okuyiyona edlalela ekhaya ilwela ukubuyisa isithunzi kulo mqhudelwano eyawunqoba ngo-2021, njengoba nyakenye ingalibonanga elidlalayo ihlulwa kuma-quarterfinal.